Sizwe Sibiya
Umculi wezokholo, osakaza izinhlelo aphinde abe ngusomabhizinisi uDkt uWinnie Mashaba ubusiswe ngosana ngeSonto.
“Ngibusiswe ngengane yentombazane enhle ngalokho ngibonga inkosi.”
Lo mculi oqhamuka e-Ga-Phasha e-Limpopo, osewine izindondo eziningi, waphumela obala ngokukhulelwa kwakhe ngonyaka odlule ezinkundleni zokuxhumana. Lo mbiko wabe usulandelwa izithombe ezifakazela lokhu.
UWinnie ubenenkinga yokungazitholi izingane njengoba kubikwa ukuthi useke waphunyelwa isisu kabili.
“Ngibonga bonke abangifisele okuhle ngesikhathi ngikhulelwe,” kubhala uWinnie ku-Facebook owake wabika phambilini ukuthi useke wabizwa ngamagama ngenxa yokungamzaleli umyeni wakhe uMokgogo Makgopa ahlangana naye eminyakeni engu-17 edlule.
Yize ejabule ukumemezela izindaba zokufika kosana lwakhe emhlabeni, kodwa ubethukuthelele abezindaba ngokushesha uma kufabele baveze udaba lwakhe lokukhulewa.
“Bavele bangixake uma sebethi banezinsuku ababekelwe zona eziwumqamula juqu uma befuna ukubhala ngezindaba zokukhulelwa, kodwa ngine-albhamu akekho onomnqamulajuqu wokubhala ngayo impela siphila komunye umhlaba,” kubhala uWinnie ku-Facebook.
UWinnie, owathola indondo ye-Best Traditional Gospel Video ngo-2021, kuma-Eminent Music Video Awards abengoZibandlela, ngengoma ethi-“Ga a feli Maatla”, ubekhiphe iphrojekthi yakhe yesi-19 kusukela ngonyaka ka-2000, esihloko sithi,-Moprofeti Jeremiah ngasekuqaleni konyaka odlule.
Khonamanjalo abalandeli bakhe abamhalalisele ku-Facebook basalindile ukubona izithombe zosana.
Umthombo wesithombe: Facebook