UBusiswa ucula ngohlangothi lwakhe lendaba

Akuwona wonke umuntu ongena esiteji futhi acule phambi kwezinkulungwane zabalandeli enezinyanga ekhulelwe .

UBusiswa Gqulu owaziwa ngelika ‘Kalawa Chikita’ ucule umculo wakhe ngenkathi ekhulelwe, njengoBeyoncé, waze wacula noBeyoncé kwi-albhamu ehlanganiswe khona iNflovukazi yomculo ethi-The Lion King: The Gift.

UBusiswa ubelokhu elandisa ngohlangothi lwakhe ngalolu daba selokhu kwaphuma i-albhamu yakhe yakamuva ethi-‘My Side of the Story’ ngoLwezi.

Le-albhamu iphethe izingoma eziyi-12 zomculo ophakeme okubandakanya ingoma ye-12 esihloko sithi-‘Dash iKhona’ okukhona kuyona izibhamu ezinkulu emculweni wamapiano – uKabza De Small noDJ Maphorisa benoMas Musiq noVyno Miller.

Le ntokazi eneminyaka engama-32 yaseMthatha e-Eastern Cape ayishiyi lutho emuva njengoba le ngoma yodwa ikhala isikhathi esingaphezu kwemizuzu eyisithupha yobumnandi be-piano .

Yize engakwazanga ukudansisa izixuku eziningi esiteji ngoZibandlela ngenxa yemithetho ye-Covid-19 ukwazile ukugcina abalandeli bakhe bedansa ekhaya waphinde waphonsa izinkomba zokuthi usemathandweni kusukela engomeni yokuqala ngqa esihloko sithi-‘Love Song’ kuze kuyofika engomeni yesithupha enesihloko esithi-‘Bonnie & Clyde’.

UBusiswa ubuye abonakale kwenye yezingoma ezidlalwe kakhulu kule albhamu kaBeyonce yezingoma ezingama-27, ethi-‘My Power’ ehambisana nabanye abaculi base-Afrika okubalwa kubo noMonchild Sanelly waseNingizimu Afrika.