Lubhalwe nguLinda Ximba
Omunye wabaculi bakuleli ose-Hollywood uBusisiwe Gqulu weGqom uncome amandla ezinkundla zokuxhumana wathi asesize abaculi abaningi e-Afrika ngokuthola amagigi emazweni angaphandle.
UBusisiwe, uYoung Stunna, uKamo Mphela, uSino Msolo, uDBN Gogo bagqame kakhulu efilimini esanda kuphuma i-Black Panther 2 Wakanda Forever.
Igalelo labo lizwakala ezingomeni ezithi “Love and Loyalty (Believe)” nethi “Jele”.
“Lokhu kukhombisa umsebenzi omkhulu esiwenzayo. Kuyajabulisa ukuthi abaculi bakuleli bafakwa ezintweni ezibalulekile kangaka,” kusho lo mculi wase-Eastern Cape ekhuluma ngefilimu eshisa izikhotha ye-Marvel.
“Ngikholwa ukuthi kungenxa yamandla ezinkundla zokuxhumana ukuthi umsebenzi wethu ufinyelela kwamanye amazwe Ukufakwa efilimini enkulu kangaka kuzothuthukisa igama lami futhi ngizimisele ukuqhubeka nokusebenza kanzima ukuze ngimele elakuleli.”
I-Wakanda Forever ilandela i-Black Panther, okuyifilimu yokuqala ye-Marvel enabalingisi abamnyama ikakhulukazi ehlanganisa uMichael B. Jordan, uLupita Nyong’o kanye nesihlabani esingasekho uChadwick Boseman.
Njengefilimu yokuqala iculo le-Wakanda Forever liwumgubho wezinhlobo zomculo wabantu abamnyama, nabaculi bamazwe ngamazwe abangaphezu kuka-40 abaqhamuka e-Lagos, e-Nigeria, e-Mexico City, e-London nase-Los Angeles.
Ibika yale filimu ingoma: kasomabhizinisi wezimonyo ongusozimali nowine indondo ye-Grammy uRihanna.
Abanye abaculi abafakiwe kubalwa uTems, uBurna Boy, uFireboy DML kanye no-E-40.
Osesithombeni esingenhla umculi weGqom uBusiswa Gqulu
Umthombo wesithombe: City Press
Umthombo wevidiyo: Youtube