Zukile Majova
UBusisiwe Nodada wafika kulo mhlaba engenalutho, futhi waphila edla imbuya ngothi engenabazali noma imfundo esemthethweni iminyaka engama-20, ngaphambi kokusungula ibhizinisi lezigidi zamarandi ngezandla zakhe.
Lolu daba lumayelana nomuntu owayengenalutho kodwa waqunga isibindi wasungula ibhizinisi, ngaphambi kokulahlekelwa yiminyaka engama-20 yokusebenza kanzima ngenkathi omakhelwane bakhe ababephanga e-Unit J eMalokishini eMbali bagqekeza isitolo sakhe sezimpahla.
UBusisiwe wazalelwa e-Dangwana Village e-Mount Frere. Walahlekelwa ngunina eneminyaka emibili futhi akazange amazi ubaba wakhe. Wakhulela emakhaya ahlukahlukene, emakhaya ezintandane nasendaweni yesonto, echitha iminyaka engama-20 okuqala empilo yakhe elwela ukuthola okuya ngasethunjini.
Kodwa noma wayephila impilo engeyinhle futhi engenayo imfundo esemthethweni wanqoba zonke izingqinamba waphenduka umthungi futhi ekugcineni waba ngumnikazi we-African Boutique eMgungundlovu e-Edendale Mall.
Iphupho lakhe lokudayisa amadizayini akhe laqala ngowezi-1999 futhi lagcwaliseka eminyakeni engama-20 kamuva ngowezi-2019, lapho akwazi ukuvula lesi sitolo kanye nesikhungo sokufundisa ezemfashini samantombazane ayi-12.
Ngowezi-1999, wathathwa nguMama Zwane wase-Kokstad, owayephethe iThandanani Self Help Sewing Project lapho ayefundisa khona abesifazane abangasebenzi indlela yokuthunga izingubo zokugqoka.
KwakunguZwane owamyisa eMgungundlovu wayohlala ngaphakathi e-Methodist Church Mission, lapho umyeni kaZwane wayengumfundisi khona.
“Ngaqala ukwenzela abazalwane umfaniswano wesonto. Ngabe sengizama inhlanhla ngobuciko base-Afrika futhi ngenza imvunulo yendabuko yase-Afrika yemishado.
“Lokhu kwamukelwe kahle ngakwazi nokogonga imali ngathenga nezindwangu eziningi ngenza nezingubo eziningi engangizidayisa emgwaqeni yemakethe yaseMgungundlovu.
“Ngake ngathungela nonkosikazi kaNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize nendodana yakhe,” kusho uBusisiwe.
UBusisiwe uthi okumzwisa ubuhlungu kakhulu ngokulahlekelwa isitolo sakhe kanye nesitoko sakhe ukuthi bekungomakhelwane bakhe abagqekezile.
“Unogada wangitshela ukuthi umakhelwane wami, engake ngasebenza naye esitolo sami ngamxoshela ukweba, wayehola iqembu labantu abantshontsha izingubo nemishini yokuthunga.
“Ngosizo lwamaphoyisa sithole umshini owodwa osufile kodwa azikho izingubo,” kusho yena.
Uqhube wathi kuboshwe owesilisa oyedwa, kodwa umsolwa omkhulu onguLindiwe Mkhize weqe engakafiki amaphoyisa.
Ulahlekelwe yisitoko esingaphezu kwezi-R300,000, kanti isitolo sona sisobiza ngaphezu kwezi-R200,000 ukusakha.
Ngenkathi ngihlangana noBusisiwe, ubesanda kuthunga izifonyo ezingaphezu kwama-400 ukuze azidayise ngama-R20 nje kuphela, njengoba eqala uhambo lokwakha kabusha iphupho lakhe.