Lungani Zungu
UBushy Maape oyisishoshovu se-ANC unguNdunankulu omusha wase-North West ngemuva kokuxoshwa kukaJob Mokgoro ngoLwesibili.
UMokgoro uxoshelwe “ukungalaleli imayalo yeqembu,” kusho uHlomane Chauke, ongumxhumanisi wekomidi lesikhashana lesifundazwe (i-IPC).
UChauke enza lesi simemezelo, uthe: “Lokhu akusikho ukukhishwa ngendluzula kwanoma yimuphi umuntu, kodwa siyangenelela ngoba izinto azenzeki ngendlela obekufanele zenzeke ngayo lapha e-North West,” esho.
Ubuye wathi bafuna ukufaka abaholi abakuqondayo ukuthi i-ANC imeleni abazophinde bathuthukise abantu baseNingizimu Afrika.
UMaape udlule kwinqubo enzima yokuxoxisana ngaphambi kokuthola ithuba lokuhola isifundazwe esigcwele izinkinga.
Abanye ababekwinhlolokhono ngalo msebenzi ophezulu kubalwa uSomlomo weSishayamthetho uSuzan Dantjie noNgqongqoshe wezeziMali uMotlalepula Rosho.
Ngasekuqaleni kwangoLwesibili, iqembu labalandeli bakaMokgoro lishise amathayi lavala imigwaqo, libhikishela ukuthi engasuswa. Ngale kwalo mzamo wokugcina wokusindisa uMokgoro oneminyaka engama-73, i-ANC ayizange inanaze ukumkhipha esikhundleni.
UMaape, okuthiwa ungumsekeli kaMengameli uCyril Ramaphosa, kulindeleke ukuthi afungiswe ngoLwesibili.
Njengamanje uyilungu lesishayamthetho sesifundazwe sase-North West.
Lo mbhalo ubusodongeni lukaMokgoro, owangena esikhundleni sokuba nguNdunankulu ngonyaka wezi-2018 ngemuva kokuthi uSupra Mahumapelo ephoqeleke ukuba ashiye phansi izintambo kulandela udlame lokulethwa kwezinsiza kusebenza e-North West.
UMaape kulindeleke ukuthi aqoke iKhabhinethi yakhe ngokushesha nje uma esethathe isihlalo sikaNdunankulu ngokusemthethweni.