Lubhalwe nguZukile Majova
UTrump udlale amavidiyo kaMalema ecula ingoma ethi “Kill the Boer” ethi abalimi abamhlophe bayabulawa futhi bayaphoqwa ukuba babaleke ezweni.
UMengameli uCyril Ramaphosa wehlise umoya yize ebebhekene nengcindezi futhi wanxusa iMelika ukuthi igcine ubudlelwane bezohwebo ukusindisa imisebenzi yaseNingizimu Afrika.
UMengameli waseMelika uDonald Trump ugxeke umholi we-EFF uJulius Malema, wathi kumele aboshwe ngokusabalalisa inzondo yobuhlanga.
UTrump ukhombise inzondo kaMalema ngesikhathi eveza amaculo, iziqubulo zomzabalazo wakudala njengoba ubehlangene okokuqala noMengameli uCyril Ramaphosa e-Washington.
Kulokho okubonakale ekuqaleni njengokuhlasela uRamaphosa, uTrump uze wehlisa izibani ukuze adlale amavidiyo kaMalema ememeza ethi “Bulala ibhunu, Bulala umlimi” emhlanganweni. Amavidiyo aphinde aveza iziphambano ezimhlophe, okuthiwa zimele abalimi abamhlophe ababulawa eNingizimu Afrika.
“Sinabantu abaningi abanomuzwa wokuthi bayashushiswa, futhi beza eMelika. Ngokuvamile, bangabalimi abamhlophe futhi bayabaleka iNingizimu Afrika,” kusho uTrump esithangamini sabezindaba e-White House.
URamaphosa uthe iqembu lakhe, i-ANC kanye nohulumeni bayaphikisana nezinkulumo zikaMalema kodwa bayambekezelela ngoba uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uyakuvumela ukuthi kukhulunywe ngokukhululeka kwezepolitiki.
UTrump uphinde wadala ukungabaza ngokuthi ngabe iMelika izowuthamela yini umhlangano we-G20 eGoli ngoLwezi.
Ngasekuqaleni konyaka, uTrump wabhala ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ethi: “Silindeleke ukuthi siye eNingizimu Afrika emhlanganweni obaluleke kakhulu we-G20 ekubeni ukudliwa komhlaba nokuhlukunyezwa kwabohlanga kuyisihloko esikhuluma ngaso?”
UMengameli Ramaphosa wehlise umoya phakathi nomhlangano obushubile. Uvumile ukuthi ubugebengu eNingizimu Afrika buyinkinga enkulu futhi sebudale ukwesaba ikakhulukazi kubalimi abahlala ezindaweni ezikude.
Kodwa uRamaphosa ugxile ekuthuthukiseni ezohwebo. Unxuse uTrump ukuthi aqhubeke nokweseka umthetho i-African Growth and Opportunity Act (AGOA), ovumela izimpahla zaseNingizimu Afrika ukuthi zingene e-US ngaphandle kwentela.
URamaphosa uthe i-AGOA isize ekutholeni imisebenzi engaphezu kuka-500 000 futhi yeseka amabhizinisi aseMelika angaphezu kuka-600 asebenza eNingizimu Afrika.
“Ubudlelwano bezohwebo yibo obubaluleke kakhulu. Yilokho okusilethe lapha. Sifuna ukuphuma e-United States ngesivumelwano sohwebo esihle kakhulu kanye nokukhuthazwa kokutshalwa kwezimali,” esho.
Usomabhizinisi uJohann Rupert utshele uTrump ukuthi ubugebengu buthinta bonke abantu baseNingizimu Afrika, hhayi abalimi abamhlophe kuphela. Unxuse izinkampani zobuchwepheshe zaseMelika ukuthi zisize ekulweni nobugebengu zisebenzisa ama-drones.
URupert uphinde wacela usozimali owazalelwa eNingizimu Afrika u-Elon Musk ukuthi atshale imali emaphoyiseni endawo ngokunikeza amaphoyisa i-service ye-inthanethi yesathelayithi ye-Starlink emaphoyiseni.
Umholi we-Democratic Alliance ophinde abe nguNgqongqoshe wezoLimo uJohn Steenhuisen utshele umhlangano ukuthi iqembu lakhe lihlangene noRamaphosa ukuze kukhishwe i-EFF kaMalema kanye ne-MK kaJacob Zuma eMandeni.

Uthe abalimi abebehambele umbukiso wezolimo osanda kwedlula i-Nampo basakholelwa eNingizimu Afrika futhi bafuna ukuhlala.
Izingqalabutho zegalofu zaseNingizimu Afrika u-Ernie Els no-Retief Goosen nabo bajoyine ithimba. Bakhulume ngesidingo sokunciphisa ubugebengu nokuthuthukisa umnotho.
Esithombeni esingenhla: UMengameli waseMelika uDonald Trump enomhlangano noMengameli uCyril Ramaphosa eHhovisi
Umthombo wesithombe: X