UShepherd Bushiri, umprofethi wase-Malawi oboshiwe, angase axoshwe eNingizimu Afrika.
Amacala akamuva abekwe wona kanye nomkakhe ahlobene nokusolwa ngokusebenzisa amaphepha angekho emthethweni ukwenza ibhizinisi eNingizimu Afrika.
NgoMsombuluko banqatshelwe ibheyili, kanti icala labo eNkantolo yeMantshi yasePitoli liyaqala futhi ngoLwesihlanu mhla zingama-30 kuMfumfu.
NgoLwesihlanu, inkantolo iveze ukuthi laba bafika kuleli ngowezi-2009 bephethe ama-visa ezivakashi, base beqala ukwenza ibhizinisi ngokungemthetho.
Futhi ngesikhathi uBushiri efaka isicelo sokuhlala unomphela kuleli, kuthiwa wayeqambe amanga ngaphansi kwesifungo ngokuthi, wathi wangena ezweni laseNingizimu Afrika ngowezi-2015.
Izikhulu ezimbili zoMnyango Wezasekhaya ezinike uBushiri ilungelo lokuhlala kuleli ngokugcwele zimisiwe emsebenzini.
Yize kunamacala, abakwaBushiri basaqhubeka nokuthandwa ngabalandeli babo abebebuyele enkantolo ukuzobakhombisa ukubaseka kwabo okungapheli.
Ilungu lePhalamende uBoy Mamabolo naye ubekhona ngesikhathi kulalelwa isicelo sebheyili ngoMsombuluko.
Isonto likaBushiri, i-Enlightened Christian Gathering, libonge uMamabolo, i-SA National Civic Organisation eGauteng kanye nenhlangano i- #NotInMyName ngokuqhubeka nokubaxhasa.
Isithombe: @MacdalineMathye