UBurna Boy uphula amarekhodi ezwekazi

Arthur Greene

UBurna Boy uyaqhubeka nokushisa izikhotha emhlabeni jikelele, ngemuva kokuba ngumculi ohamba phambili.

Lo mdondoshiya wase-Afrika ukhombisile ukuthi ulifanele leli gama ngemuva kokuba ngumculi wokuqala ovela kuleli zwekazi ukuthi kulalelwe umculo wakhe ngabantu abayizigidi eziyi-100 ku-Spotify kuma-albhamu amaningi.

Ama-albhamu akhe okugcina amathathu, i-Outside (2018), i-African Giant (2019) kanye ne-Twice as Tall (2020), onke asefinyelele kuma-hits ayizigidi eziyi-100.

Ngesonto eledlule, lesi sihlabani se-Afrobeats sikuqinisekisile ukuthi simatasa ne-albhamu entsha, ezoqoqa okungenani ama-hits amaningi njengamaphrojekthi akhe angaphambilini.

Ngesonto eledlule ubhale ku-Twitter wathi: “Le albhamu elandelayo. Ngidinga ukuthi ubuzwe ubuhlungu obusezwini lami, Ubuhlungu bokuba ngumuntu wangaphandle, obuyohlezi buqoshwe esikhunjeni sami, imuva lami nendawo engisuka kuyo akunandaba ukuthi nginekhono elingakanani noma ngizihloniphe kangakanani.”

Iphrojekthi ezayo yomculi wase-Nigeria izoveza ukucwasa abhekane nakho empilweni yakhe, kanye nemizwa yokuhlukaniswa abhekane nayo.

Ulandele i-tweet ngomunye umyalezo onesizotha: “Ngihlala ngihlupheka. Amehlo [abuthuntu] azonda noma yini engayiqondi. Ngabamukela ubuhlungu bami futhi ngabuphendula baba yisikhali sami esikhulu kunazo zonke emhlabeni.”

Umthombo wesithombe: @spotless360_

Izihloko zakamuva