Sizwe Sibiya
Abaculi base-Nigeria abaseqophelweni eliphezulu uWizKid noBurna Boy, bahlanganyele ndawonye engomeni yabo ethi-“B. D’ OR”, isifinyezo se-Ballon d’Or, umklomelo onikezwa umdlali webhola lezinyawo ohamba phambili emhlabeni minyaka yonke.
Ividiyo yengoma enemizuzu engu-3:12 eqondiswe uDK ihlanganisa abaculi ababili abawine indondo yama-Grammy abahamba bezulazula nge-jet ski ngaphambi kokwamukela umklomelo ovelele webhola lezinyawo.
Izingxoxo ezithinta i-Ballon d’Or zivame ukugxila ekutheni ngubani ohamba phambili kunabo bonke abadlali emhlabeni. Ukuchoma kukaWizKid noBurna Boy kungahle kubonakale sengathi akucacile ukuthi bangabaculi abahamba phambili emhlabeni.
Kwividiyo yomculo ngemuva kokuthi lezi zihlabani zomculo zamukele umklomelo, laba baculi basika indebe phakathi baphuzele kuyo i-champagne.
Ividiyo yomculo okwamanje ihlezi kunombolo 17 kwishadi lomculo ku-YouTube, futhi isibukwe ngabantu abangaphezu kwezigidi ezimbili ngemuva kokuthi ikhishwe ngoLwesihlanu olwedlule.
Laba baculi ababili balinde ngabomvu ukuzibonakalisa emcimbini wezindondo zama-Grammy Awards ngasekupheleni kwale nyanga. UWizKid noBurna Boy sebewine imiklomelo emibili umuntu ngamunye. Umcimbi wemiklomelo yama-Grammy ozobanjwa okwesi-64 uzoba mhlaka-31 kuMasingana e-Crypto.com Arena e-Los Angeles eMelika.
Umthombo wevidiyo: YouTube