UBurna Boy ne-albhamu entsha

Sizwe Sibiya

UDamini Ogulu odume ngelikaBurna Boy usekhiphe i-albhamu yakhe entsha enesihloko esithi-Love, Damini.

Le albhamu enezingoma ezingaphezu kuka-19 ye-Afrobeats iveza ukuthi ngaphezu kwengcebo nodumo aluzuzile emsebenzini wakhe usazama ukuzithola.

Lona umuzwa ozwakalayo kwi-albhamu yalo mculi wase-Nigeria yesithupha, kodwa usengomeni eyisihloko se-albhamu esithi “Love, Damini”, okukhona kuyo neLadysmith Black Mambazo.

Le albhamu ihlanganisa iqembu lesicathamiya elizuze izindondo eziningi zama-Grammy Awards naphezu kwesithembiso sikaBurna Boy sokuthi ngeke aphinde avakashele kwelakuleli inqobo nje uma ukucwaswa kwabantu abaqhamuka emazweni angaphandle kusewudaba olugqamile lapha. Iqembu liphinde lihlanganyele engomeni yokuqala ye-albhamu, enesihloko esithi “Udumo”.

Ukungabibikho komsindo omulekelelayo ngemuva ngesikhathi esho lamazwi kule ngoma kumenza aveze imizwa evela ekujuleni kwenhliziyo. 

Njengoba esekhiphe amavidiyo amabili omculo wezingoma ezimbili ezikhona kwi-albhamu ezithi “Vanilla” nethi “For My Hand” kulezi zingoma kukhona u-Ed Sheeran kanti lokho kungabeka uBurna Boy emathubeni amahle okuthola indodo kuma-Grammy.

Nge-albhamu yakhe yesine ka-2019 ethi-African Giant uBurna Boy waqokelwa i-albhamu yomculo ehamba phambili yomhlaba wonke kuma- 62 Grammy Awards. 

Kodwa walandelisa ngokukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi-Twice as Tall ngoNcwaba ngo-2020 ngesikhathi lapho athatha khona indodo ye-Best World Music Album kuma-63Grammy Awards nyakenye.

Kule ngoma usuke emi kwi-lift esuke ivulekile kuqhamuke u-Ed Sheeran kuyona ividiyo angene kwi-lift bese ivaleka.

I-Love, Damini ikhishwe ngoLwesihlanu mhla ziyisishiyagalombili kuNtulikazi kanye namavidiyo omculo ahambisanayo nezingoma ezingu-16 ezikwi-albhamu esezithathe indawo phezulu ezingomeni eziyikhulu zase-Nigeria kuma-iTunes. 

I-“Cloak and Dagger” ayicula nomrepha wase-Britain uJ Hus iphezulu kumashadi omculo. 

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva