Ubungozi bokuthola i-covid-19 emaphandleni

Zukile Majova

Ngokukhuphuka kwezinga labathelelekile nge-covid-19, abagibeli bamatekisi emaphandleni ase-Eastern Cape basengozini yokugcwala ngokweqile uma bethatha uhambo olude emigwaqeni ewubhuqu.

Ngaphansi kwenqubomigomo ebekiwe ngomvalelo lamaloli amancane, abizwa ngoquqa noma amaguruguru, asuka emarenkeni ngesibalo esibekiwe sabagibeli abayishumi.

Kodwa ngemuva kokusuka edolobheni futhi sebedlule endaweni evinjwe ngamaphoyisa, bagcwalisa abagibeli, bethayisele ubungozi bokuthelelana ngegciwane le-corona kulezi zihambeli.

Omunye wabagibeli etekisini esuka eMbizana iya eMtata uthe abagibeli abakwazi ukukhalaza uma abashayeli bengayinaki inqubomigomo ye-Covid-19.

“Sonke sifuna ukufika lapho esiya khona ngaphandle kokukhubeka emoyeni ngakho siyathula nje uma begibeza abanye abantu endleleni.

“Ngeshwa uhambo lamahora amathathu, njengokusuka eMbizana uya eMtata, lugcina seluthatha isikhathi eside ngoba umshayeli ulokhu egibeza abantu abahayikhayo endleleni,” kusho umgibeli.

Abantu abaningi abadala kanye nezingane zesikole ezigqoke umfaniswano wesikole abangama-20 beqoqelene ndawonye emalolini amancane angama-Kia nama-Hyundai; iyona ndlela yokufika ezikhungwini zokuhola ezisedolobheni kulezi zakhamuzi.

Kulamahora amade okugibela izimoto imvamisa abagibeli bahamba nezimbuzi, izinkukhu, phalafini, izinkuni kanye notshwala.

Imigwaqo ayifakiwe itiyela, inamagquma futhi mide. Abantu abanayo enye indlela abangenza ngayo kodwa kumele babekezelele imali yokugibela engalawuleki.

UNqobile Masuku, osebenzisa amatekisi endaweni ezifana naseMtata, uthi abantu bathatha noma yini abafuna ukuyiphatha uma behamba. ” Sengike ngabona abantu bephethe izinkukhu, izimbuzi, izinkuni kanye nanoma yini nje abacabanga ukuyiphatha. Abanye bathenga utshwala ukuyodayisa ezigodini zangakubo,” kusho uNqobile.

Ezimweni eziningi, abagibeli bafika emakhaya bekhathele  futhi begcwele izintuli kanye nethemba lokuthi abathelelekanga ngegciwane le-corona.

Izihloko zakamuva