Ubungozi bokubhabhadiswa kwamakholwa njengoba kuqubuke isifo sohudo  

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ukubhabhadiswa emanzini kufanekisela ukuzalwa kabusha njengomKristu kodwa ungagcina usucwile emanzini noma ubulawe isifo sohudo.

Kuleli sonto okhulumela uMnyango wezeMpilo eGoli uMotalatale Modiba unxuse izinhlangano zezenkolo ukuthi zingabeki izimpilo zamalungu azo engcupheni nokuthi zibabhabhadise endaweni ephephile.

Izindaba zokuminza kwamaKristu ngesikhathi ebhabhadiswa zivamile kuleli.

Mhla zintathu kuZibandlela nyakenye kwashona abantu abangu-14 ngemuva kokugugulwa ngamanzi ngesikhathi bebhabhadiswa emfuleni i-Jukskei e-Alexandra, empumalanga yeGoli.

Kodwa ingozi akukhona nje ukuthi bazokhukhulwa amanzi. Abanye eGoli bazifaka emanzini anobuthi futhi bafaka ushevu emizimbeni yabo.

Okungenani bayishumi abantu abatheleleke ngesifo sohudo esifundazweni ngemuva kokufakwa emanzini anobuthi ngesikhathi bebhabhadiswa.

UMnyango wezeMpilo kaZwelonke umemezele ukuthi sekunezinye izifo ezine sohudo ngemuva kwemigubho yokubhabhadiswa emifuleni yaseGoli.

Lezi zifo ziqhamuke ngemuva kwamasonto amaningi kutholwe abanye abantu abayisithupha abathelelekile esifundazweni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uFoster Mohale uthe ababili unkosikazi nomyeni wakhe okutholakale ukuthi banesifo sohudo babhabhadiswe emfuleni i-Jukskei.

Uthe ngesikhathi bebhabhadiswa baphuza amanzi emfuleni, kanti ngokuhamba kwesikhathi baba nezinkinga zezempilo.

UMohale uthe owesifazane obhabhadise lezi zithandani naye utheleleke ngesifo sohudo.

“Uye waphuza amanzi kuwo lo mfula ngesikhathi ebabhabhadisa. Uhlonzwe ithimba lezempilo ngesikhathi lithola ukuthi unesifo sohudo futhi uyaphalaza,” kusho uMohale.

I-Scrolla.Africa sikhulume noMfundisi Bheki Mashosho we-Galathia Ibandla Lenkosi eGoli obelungiselela umhlangano omkhulu womkhuleko nokubhabhadiswa kwamanye amalungu amasha ebandla.

“Kule mpelasonto sigubha impilo kaJesu owafela izono zethu,” etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe abashonela okholweni bayothola ukuphila okuphakade ezulwini noNkulunkulu.

Ubuzwe ngokukhathazeka kokuthi lolu hambo oluya ezulwini lungase lufike ngokushesha kunalokho obekulindelwe.

UMashosho uthe iBhayibheli alibuswa uhulumeni kodwa lilawulwa uMoya kaNkulunkulu.

“Ngeke siyeke ukwenza izimfundiso zikaNkulunkulu ngoba uhulumeni ethi sizobulawa isifo sohudo. Uma abantu bengabhabhadiswa ngamanzi agelezayo ngeke bawubone umbuso kaNkulunkulu.”

Izihloko zakamuva