Lubhalwe nguSbongile Nonyana
Lesi isikhathi sonyaka lapho abantu behlangana ndawonye nemindeni nezihlobo zabo, bahlale phansi futhi babe nezingxoxo ezincane bekhumbuzane izikhathi zakudala besakhula.
Umndeni wami udabuka e-Lesotho, kodwa abazali bami bathuthela kwelakuleli eFilidi eMondlo eminyakeni engu-70 eyedlule kwathi ngemuva nje kwalokho kwazalwa umfowethu omdala walandelwa abayisithupha ngemuva kwakhe.
Ekukhuleni kwethu sasiwathokozela amaholidi kaKhisimusi ngoba kwakuyiso kuphela isikhathi esasithola ngaso ukugqoka izingubo ezintsha nokudla ukudla okukhethekile.
Cishe ngeshumi nanye ngosuku lukaKhisimusi sasigeza sibe bahle sigqoke izingubo zethu ezintsha ngemuva kwalokho singene umuzi nomuzi sicela izipho zikaKhisimusi futhi endaweni yangakithi sasivame ukuthola amaswidi namabhisikidi.
Ihambile iminyaka nezinto sezishintshile njengoba ukudla esasikudla ngoKhisimusi kuphela sekudliwa nsuku zonke. Manje sesijwayele ukushisa inyama nomndeni wami kuphela futhi izingane azivumelekile ukuvakashela noma imuphi umuzi ngenxa yonya lomhlaba asisathembani ngezingane zethu futhi ngebhadi izingane zethu aziwujabuleli uKhisimusi njengoba sasenza kudala sisebancane.
Kule minyaka emibili edlule uKhisimusi awusafani njengoba kwadlula ubaba wami emhlabeni engimthandayo ngomhlaka-29 kuNtulikazi ngonyaka ka-2020.
Ngaso sonke isikhathi uma ngifika ekhaya ngivela e-Gauteng ngalesi sikhathi ngihlale ngikhunjuzwa ukuthi ubaba akasekho phakathi kwethu ngoba ubeqhulula amahlaya futhi sizoba nesikhathi sikababa nendodakazi njengoba kuyimi ngedwa ingane yakhe yentombazane.
Kulo nyaka nginezinto eziningi engingabonga ngazo njengoba ngiphothule iziqu zami ze-honours ngoMbasa futhi ngathola iziqu zami ze-master ngempumelelo.
Ukusebenza kwa-Scrolla.Africa kube into enkulu eyenzeke empilweni yami ngoba kungisizile ukuqhubeka nezifundo zami njengoba ngihlose ukuba udokotela eminyakeni embalwa ezayo. Ucwaningo lwami lusekelwe ekuhumusheni nasekutolikeni kanti nokusebenza njengomhumushi kusiza kakhulu.
Ngiyakhuleka futhi ngethemba ukuthi unyaka ozayo awunalutho ngaphandle kwezibusiso, injabulo, imali eyengeziwe kanye nenjabulo.