
Celani Sikhakhane
Uhambe kahle umcimbi weSilo SamaBandla uMisuzulu kaZwelithini.
Umembeso obungoMgqibelo wengoduso yeSilo iNdlovukazi uNtokozo kaMayisela ube isikhathi sokubuyisana njengoba inqwaba yabashokobezi bebephume ngobuningi babo ukuzomeseka okokuqala selokhu aqokwa njenge Silo samaBandla.
Ubabekazi ongumshokobezi iNkosazana uThembi Zulu Ndlovu namakhosikazi amabili eSilo uZwelithini KaBhekuzulu osakhothama – uNdlunkulu Thandekile MaNdlovu wase-Linduzulu kanye noNdlunkulu Zola KaMafu wezigodlo zaso-Ondini – babeke eceleni ukungaboni ngaso linye neSilo uMisuzulu ukuze bahlanganyele naye emcimbini wakhe.
Bathakazele iSilo bemjabulela ngesikhathi efika ukuzohlanganyela nengoduso yakhe uNtokozo kaMayisela esigcawini, emcimbini womkhehlo obuse-Blaauwbosch enkundleni yezemidlalo yomphakathi e-Sgodiphola.
INkosazane uThembi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukujabulele kakhulu ukubungaza umcimbi weSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini.
“Lolu akulona usuku lokukhuluma ngezinye izindaba, ngikhona ukuzojabulela nokubungaza lo mcimbi omuhle kangaka,” kusho iNkosazane uThembi emamatheka.
Ubonakale eqhulula amahlaya ehleka noNdlunkulu uZola KaMafu oyinkosikazi yesithupha yeSilo esesakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
UNdlunkulu Thandekile MaNdlovu uthe bekuyisifiso seSilo uZwelithini ukuthi iSilo uMisuzulu agcagce noMayisela sisaphila.
“Silapha ukuzokweseka indodana yethu uMisuzulu futhi bekuyisifiso sikayise ukuthi ashade nokaMayisela,” kusho iNdlovukazi uMaNdlovu.
“Waze wathi unamadodana angaphezu kuka-22 kodwa akekho noyedwa kubo oseke waletha umakoti eBukhosini bakwaZulu. Siyajabula ukuthi uMisuzulu uyasihlonipha isifiso sikayise. Sinethemba lokuthi umakoti wethu uzosebenza kanzima ekufukuleni isizwe samaZulu.
Zonke iziNdlovukazi eziyisithupha zeSilo uZwelithini zinikezwe izipho umndeni wakwaMayisela, okuhlanganisa nezipho zeNdlovukazi engasekho eyayibamba bukhosi uNdlunkulu Mantfombi.
Kulandele iNdlunkulu yakhipha izipho inikeza umndeni wakwaMayisela okuhlanganisa nezinkomo njengengxenye yoMembeso.