Ubumaye umlilo ubhubhisa imakethe

Arthur Greene

Kushe izitolo eziningi emlilweni oqubuke emakethe enkabeni ye-Hargeisa, inhlokodolobha yase-Somaliland ngoLwesihlanu ebusuku.

Akekho oshonile kodwa kulimale abantu abangu-28 amabhizinisi amaningi acekeleka phansi ngesikhathi umlilo ubhebhetheka ngokushesha emakethe ebiminyene.

Imbangela yalomlilo  ukuthi uqale ngehora lesishiyagalombili ebusuku ayikaziwa.

Imakethe, okulinganiselwa ukuthi inezitolo ezingaphezu kwezingu-2,000 iwumgogodla wedolobha okuyinhlokodolobha yesifunda esahlubuka e-Somalia.

NgeMigqibelo, imakethe ephithizelayo ibigcwala abathengisi abahweba nganoma yini kusukela kwizithelo nemfuyo kuya kwizindwangu nomakhalekhukhwini.

Kodwa ngaloMgqibelo, abanikazi bezitolo abakhungathekile kanye nabathengisi bebeqoqa izinsalela ezimnyama zemakethe njengoba beqala ukuhlanganisa kabusha izimpilo zabo.

“Idolobha alikaze libone inhlekelele enkulu kangaka,” kusho imeya yedolobha u-Abdikarim Ahmed Moge etshela abezindaba.

“Le ndawo ibiyisikhungo sezomnotho sase-Hargeisa, yize izicishamlilo zenze konke okusemandleni ukunqanda umlilo, imakethe icekeleke phansi.”

UJamal Aideed, usihlalo wezohwebo e-Hargeisa, uthe mkhulu umthelela ozolethwa umlilo emnothweni wedolobha, njengoba imakethe yenza u-40-50% wemisebenzi yayo yezomnotho.

“Ngilahlekelwe yikho konke kulobu busuku, lo mlilo ubumkhulu kunayo yonke engake ngayibona empilweni yami,” kusho umhwebi wemakethe uBashi Ali etshela i-The Guardian.

“Benginamabhizinisi amaningi emakethe futhi wonke ashe aba umlotha. Esingakufunda kule nhlekelele ukuhlela imakethe ngendlela ekahle,” engeza.

Umthombo wesithombe: @RAbdiAnalyst

Izihloko zakamuva