Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umoya ofinyelela ku-120 km/h uhlasele e-Eastern Cape ngoMgqibelo ebusuku.
Umoya obuse-East London uphephule uphahla lwezindlu, wacekela phansi izintambo zikagesi nezihlahla waphinde wadlula nemiphefumulo yabantu ababili.
UNkululeko Dem (28) ushone ngemuva kokuthi isihlahla siwele phezu komjondolo wakhe ezintatha ngeSonto.
UDem ubelele nomngani wakhe ngesikhathi sesigameko. Umngani wakhe ogama lakhe elingakaziwa okwamanje uphuke imilenze yomibili wangeniswa esibhedlela sase-East London e-Frere.
Okhulumela uMasipala wase-Buffalo City uSamkelo Ngwenya ukuqinisekisile ukushona kwesinye isisulu esingakadalulwa.
“Kushone nomunye umuntu ku-ward 22 esigodini sase-Potsdam ngemuva kokudilika kodonga nophahla ngesikhathi elele,” kusho uNgwenya.
Ibalelwa ku-30 imindeni okudingeke ukuthi ikhishwe emijondolo ngaseMdantsane e-East London.
UNgqongqoshe wakwaCogta e-Eastern Cape uZolile Williams uthembise amakhaya esikhashana angu-200 emindenini ekhahlamezekile eMdantsane.
Khonamanjalo, izakhamizi zase-Kuyga eNelson Mandela Bay kudingeke ukuthi zingene emanzini afika emadolweni ukuze zihlenge izimpahla zazo ngemuva kwezikhukhula ezihlasele idolobha.
Isakhamuzi sase-Kuyga uJason Plaatjies uthe uphoqeleke ukuthi alale emjondolo obandayo ogcwele amanzi njengoba amanzi ebezingenela nje emzini wakhe.
“Kunamanzi ngaphansi kombhede futhi akukho esingakwenza ngoba amanzi ageleza ngaphakathi emjondolo yethu. Akukho esingakwenza ngaphandle kokuthi silinde ukuthi kome,” esho.
UPlaatjies uthe bayesaba ukuthi ukungahlanzeki kuzobagulisa.
“Sinezindlu zangasese zomgodi lapha. Cabanga ukuthi kwenzekani uma amanzi ehlangana nendle yomuntu. Sizotheleleka ngesifo sohudo,” esho.
Isimo sezulu esibi sangempelasonto siphinde sacekela phansi izikhungo zezempilo ezibalelwa kweziyisishiyagalolunye lapho okuphephuke khona uphahla lwemitholampilo nezibhedlela nokuyinto eholele ekutheni ezinye iziguli zithuthelwe kwezinye izikhungo.
UNgqongqoshe wezeMpilo e-Eastern Cape uNomakhosazana Meth uthe okwamanje ngeke bahlole ukuthi ungakanani umonakalo owenzekile.
“Kodwa sekukhona izinhlelo ezikhona ezikhungweni ezithintekayo,” esho.
Esithombeni esingenhla: Uphahla oludilikile lwendlu e-East London, e-Eastern Cape.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe