Moyahabo Mabeba
U-Alfios Majadibodu wakhulela emphakathini obumbene lapho wonke umuntu kade enezinhloso ezinhle.
NgoLwesibili abantu base-Ga-Seleka ngase-Lephalale e-Limpopo, babukele ngokuthuka ngesikhathi u-Alfios ebulawa ngesihlungu yiqembu lezigelegeqe empini yezigodi.
Ugwazwe ngomkhonto, wagencwa ngocelemba waphihlizwa ikhanda ngamatshe. Konke lokhu kwenzeke emgwaqeni ophithizelayo enkabeni yalesi sigodi – futhi lokhu yinto engakaze ibonwe emaphandleni ase-Ga-Seleka.
Abahlali bakulesi sigodi bathole ushintsho ngemuva kokuthi kwakhiwe isiteshi sikagesi i-Medupi, esakhiwa ngo-2015.
Ngokuthutheleka kwabasebenzi abasha kanye namabhizinisi, esikhathini esifushane umphakathi uvele wonakaliswa yizinkinga zomphakathi ezifana nokusetshenziswa kwezidakamizwa, ukudakwa nokudayisa ngomzimba.
Kwabe sekufika amaqembu ezigebengu.
UMkhandlu weSilo seNdabuko iSeleka awukwazanga ukuxazulula amacala obugebengu kanti amaphoyisa azithole esebhalisa amacala amaningi okuphanga kuhlonyiwe, ukushaya, ukudlwengula nokubulala.
Abahlali baqala ukuzithathela umthetho ngezandla.
Manje amaqembu ezigebengu afana ne-Black Jack kanye ne-Russians abusa emgwaqeni, futhi athusa abantu basemaphandleni.
U-Alfios oneminyaka engu-30, ubengumholi weqembu elinonya i-Black Jack eligcwele ikakhulukazi intsha.
Abaningi emphakathini bathe bakhululekile ukuthi angeke esahamba emgwaqeni yabo.
Omakhelwane bakhe bajabulele ngaphakathi ngesikhathi izihlobo zakhe sezizizwa zikhululekile ukuthi ngeke zisabizwa ngamagama ngenxa yakhe.
UMnu Thabo Mojela, ongumakhelwane ka-Alfios, uthe ukushona kwakhe kube yinjabulo ngoba amalungu omphakathi ebethi umndeni wakhe ufuye isilwane.
UThabo uthe “Kusobala ukuthi ukushona kwakhe kuyinto enhle. Izisulu zakhe bezinqena ukuyombika emaphoyiseni ngoba njalo uma eboshiwe wayesheshe adedelwe”.
Amaphoyisa abophe abasolwa abangu-17 okuhlanganisa nabancane abathathu mayelana necala lokubulala.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uThembi Hadebe uthe izigameko ezifana nalezi ngeke zivunyelwe ukuthi zenzeke.
“Amaphoyisa azoqhubeka nokuthungatha abasolwa abasele bese ebafaka ejele,” usho kanje.