Ubulawe umphakathi obeyisigebengu sendawo 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Osolwa ngokuba umholi weqembu lezigelekeqe nobephinde abe umdayisi wezidakamizwa ube yisisulu samalungu omphakathi azithathele umthetho ngezandla e-Barcelona e-Daveyton.

Ezintatha zangoMgqibelo uClifford Makola uye wazingelwa, washaywa, wagencwa ngocelemba ngaphambi kokuthi ashiswe.

Kusolwa ukuthi uhlonzwe njengoyimbangela yokugqekezwa kwezitolo zendawo zabaphuma kwamanye amazwe kanye nokudayisa izidakamizwa.

Ngemuva kochungechunge lwezigameko zokugetshengwa kwamabhizinisi ngeledlule umphakathi uthathe isinqumo sokuthi sekwanele.

Isakhamuzi esicele ukuthi igama laso lingadalulwa sithe uMakola ubulawe ngoba umthetho wehlulekile ukumbopha.

“Ubezibiza ngokuthi ‘unguPhunyuka Bamphethe’ ngokuqhubeka nokubalekela umthetho. Ubeboshwa bese ededelwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa futhi ubeze aqhoshe ngalokho.”

“Ubesabisa abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle ngokuthi bakhokhele izindleko zokuvikelwa ezigebengwini kanti labo abebenqaba bekugqekezwa izitolo zabo.”

Ukhomishana wesiteshi samaphoyisa sase-Etwatwa uLieutenant-Colonel Molatelo Maoto ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala.

“Akekho osaboshiwe mayelana necala lokubulala futhi uphenyo lusaqhubeka.”

“Imibiko yokuqala ithi uMakola ubesabisa umphakathi ngakho umphakathi uye wanquma ukuzithathela umthetho ngezandla.”

UMaoto unxuse umphakathi ukuthi ulugweme lolu hlobo lwesenzo nokuthi ubike wonke amacala obugebengu emaphoyiseni.

Esithombeni esingenhla: UClifford Makola

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva