Ubulawe ngosuku lokuzalwa kubangwa u-R10 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umndeni kaLiyema Sawutana ubusazama ukuqoqa imali eyanele ukumthengela ikhekhe lokuzalwa ngesikhathi kufika abafana ababili emzini wabo eKapa nezindaba ezibuhlungu zokushona kwakhe.

Umndeni utshelwe ukuthi ngesikhathi ehlanganisa iminyaka engu-19 ngoMgqibelo uSawutana ubulawe ngumngani wakhe ngenxa yengxabano kubangwa u-R10.

Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa igama litshele i-Scrolla.Africa ukuthi bekufana nephupho elibi ngesikhathi kufika laba bafana abancane bebiza umndeni endaweni yesigameko e-Samora Machel okuyilapho ebulawe khona uLiyema.

“Sigijime saya endaweni yesigameko sithandazela ukuthi simthole ephila. Okubuhlungu ukuthi   abezimo eziphuthumayo bathe ushone singakafiki.”

Umngani omkhulu kaLiyema nosolwa ngokuba ngumbulali elingadalulwanga igama lakhe akakaboshwa.

“Asizange siyithole yonke indaba ephelele ngaphandle kokuthi ubebanga u-R10 nomngani wakhe omkhulu,” kusho ilungu lomndeni.

ULiyema kuthiwa ugwazwe amanxeba amaningi.

“Akekho onelungelo lokubulala umuntu. Amanxeba amaningi okugwazwa akhombisa ukuthi bekungelona iphutha ubeqondile ukumbulala.”

Umndeni wakhe umchaze njengomuntu wabantu obethanda wonke umuntu empilweni yakhe okuhlanganisa naye umngani wakhe osolwa ngokumbulala.

“Besihlezi sihleka naye ewathanda namahlaya futhi ubezwana kakhulu nomngani wakhe okuthiwa umkhipheumphefumulo wakhe,” kwengeza ilungu lomndeni.

Umndeni uthe “nakuba ubengenalo ikhekhe lokuzalwa ukube umsolwa ubefuna imali ukuze angambulali besingamkhokhela “kodwa asazi ukuthi ngubani onephutha kanti uLiyema angeke esakwazi ukusitshela ukuthi bekwenzekeni ngoba akasekho.”

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe amaphoyisa asesiteshi iSamora Machel aphenya icala lokubulala.

“Amaphoyisa abizwe endaweni yesigameko ngoMgqibelo mhla ziyishumi kuZibandlela ngesikhathi efika esikhungweni sezokwelapha athola isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-19 okuthiwa ushonile ngenxa yamanxeba okugwazwa.”

Osesithombeni esingenhla nguLiyema Sawutana

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva