Doreen Mokgolo
Impi yotshwala obuntshontshiwe badayiswa ngo-R10 ukuze kuthengwe izidakamizwa iholele ekutheni kubulawe umshayeli wetekisi uSteven Mogale.
Lo mshayeli oneminyaka engu-32 ubudala ushiswe ephila esigamekweni okusolakala ukuthi esokuziphindiselela ngesikhathi elele emjondolo wakhe e-Stinkwater enyakatho ne-Tshwane ekuseni ngeSonto.
Kusolakala ukuthi ngoMgqibelo ebusuku uMogale wayezikhiphile nabangani bakhe endaweni yokucima ukoma ngesikhathi omunye wabo entshontsha utshwala wabudayisa ngaphandle.
U-Ephraim Ngwepe obekhungathekile utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bambambe oqotsheni umsolwa base bebhekana naye ngqo.
“Ubesevele esezidlile izidakamizwa enqaba nokulalela isizathu sethu sokumsola wasabisa ngokuthi uzosibulala sonke wathi uzoqala ngokushisa uSteven emjondolo wakhe,” kusho uNgwepe.
“Asizange sizithathele phezulu izinsongo zakhe ngoba ubedle izidakamizwa.”
UNgwepe uthe basuke endaweni yokucima ukoma sebebheke emakhaya ngehora lesithathu ekuseni kodwa bafonelwa ngemuva kwamahora amabili batshelwa ukuthi uyasha umjondolo womngani wabo.
Umsolwa kusolakala ukuthi ubhunyele umjondolo kaMogale ngophethiloli wawushisa.
Omakhelwane bazamile ukucisha umlilo ngamabhakede namapayipi amanzi, kodwa ilangabi belivutha kakhulu.
Umufi ushe wangqongqa.
“Ngisamuzwa ememeza ecela usizo lesi sigameko silokhu sidlala ekhanda lami ngokuphindaphindiwe,” kusho uNgwepe.
Isakhamuzi uMartha Sekwaila uthe umsolwa ubanjwe isixuku ebesithukuthele ebhace emzini wakhe.
“Akazange azihluphe ngokubaleka ngemuva kwesigameko kodwa ubehamba
echoma ngokuthi umtshelile uSteven ukuthi uzombulala.
“Ube nenhlanhla yokuthi usindiswe amaphoyisa esixukwini ebesithukuthele.”
UMartha uzwa ubuhlungu ngomakhelwane wakhe obengumshayeli wetekisi abebemthemba kakhulu obehlezi ehlisa abagibeli ebusuku kakhulu emasangweni abo ukuze aqinisekise ukuthi baphephile.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokubulala.