Buziwe Nocuze
Umndeni wendoda engenacala ebulawe ngesihluku kulandela isenzo sobulungiswa ngoLwesibili ufuna ubulungiswa.
U-Abongile Mafalala (30), ushayiwe, wakhandwa ngamatshe washiswa isixuku sezakhamizi zase-Parkwood eKapa ebezithukuthele zigane unwabu ebezikholelwa ukuthi ubezama ukuthumba izingane ezimbili ezincane. Ividiyo yokuhlaselwa kwakhe iye yasabalala ngemuva kwalokho.
I-voice note yaku-WhatsApp ekuqaleni kwangoLwesibili yabiwe ngumama wezingane, obesola ukuthi owesilisa obeshayela i-Toyota Avanza enombala we-champagne uzame ukuthumba izingane zakhe kodwa wehluleka.
Manje sekuvele ukuthi icala lika-Abongile ukuthi imoto yakhe i-Uber abeziphilisa ngayo ifana nombala wemoto echazwe ngowesifazane. Amaphoyisa awabutholanga ubufakazi bokuthi kuke kwenzeka isigameko sokuthumba, nokuthi uMafalala uyathinteka.
Umfowabo uYonela Mafalala utshele i-Scrolla.Africa ukuthi u-Abongile ubemsulwa futhi akumele ngabe ushonile.
“Silimele futhi namanje asikholwa ukuthi amavidiyo asabalele akamfowethu obenothando nenhlonipho,” kusho uYonela.
Lezi zindaba bazithole kumakhelwane wabo ngemuva kokuthintwa ngabantu abathole i-CV ka-Abongile. Yize imoto ishile kodwa i-CV yakhe itholakale iphelele endaweni yokubeka izinto. Ibiqukethe imininingwane eholele abantu komakhelwane baka-Abongile.
Intombi kamufi, uZandile Mamela (24), ukholelwa ukuthi isoka lakhe libulawe ngoba limnyama.
“Ngiyakuzonda ukukusho lokhu, kodwa ubulawe ngenxa yebala lakhe, labo bantu abazange bamnike ngisho nethuba lokuthi achaze ukuthi ungubani baphinde bamphuca nezicathulo,” kusho uZandile.
“Ukube umphakathi umnike ithuba ubezokhombisa ukuthi ubenza nje umsebenzi wakhe kodwa ngoba engumuntu omnyama emphakathini wamaKhaladi babone kufanele ukuthi bambulale njengesigebengu.
Usihlalo we-Community Policing Forum kuleya ndawo, uMelvin Jonker, uthe amaphoyisa amatasa abuka izithombe ze-CCTV zakuleya ndawo.
Baphinde babheka namavidiyo athathwe ngesikhathi kubulawa lo mlisa.
Uchaze lesi sigameko njengesiwubulwane nesingenamthetho, yize besanda kuba nezigigaba zokuthumba endaweni kodwa lokho akuniki izakhamizi ilungelo lokubulala umuntu.
UWarrant Officer Joseph Swartbooi, okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uthe amaphoyisa ase-Grassy Park aphenya icala lokubulala kodwa abengakabophi muntu.