Ubulale izimfanzi obesola umkakhe ngokumjolela

Owesilisa wase-Vietnam ubekwe icala lokucekela phansi impahla ngemuva kokuthela umuthi obulala izinambuzana endaweni ehlala izimfanzi.

Umphathi walendawo ye-shrimp Lake uTran Huu Tri wenze lesi senzo ngemuva kokusola umkakhe ngokujola.

Umuthi obulala izinambuzane ubulale amathani angu-11 ezimfanzi, okubize ipulazi lezimfanzi imali elinganiselwa ku-R1.2 million.

Izinyathelo zomthetho zizonquma ukuthi ubani ozokhokhela umonakalo owenzekile.

Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi uTran wenze lesi senzo ngomhlaka-12 kuNdasa ngo-2023 nokuthi wazinikela emaphoyiseni ezinsukwini ezimbili zakamuva.

Kuphinde kwavela ukuthi uTran wakhiphela intukuthelo yakhe kwizilwane ezibizwa ngezimfanzi ngoba esola ukuthi umkakhe ujola nomphathi wepulazi lezimfanzi. Isenzo sakhe sokuziphindiselela kube ukucekela phansi indawo yabo yokusebenza.

Amaphoyisa esifundazwe sase-Vietnam Binh Thuan akhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaTran ngokucekelwa phansi kwempahla ngoMgqibelo mhla zizinye kuMbasa, kubika i-Nguoi Lao Dong News.

Uphiko lwe-Provincial Investigation Department libophe uTran ngoMgqibelo kanti baphinde bashaqa amabhodlela omuthi obulala izinambuzana.

Uvalelwe isonto lonke wabe esededelwa ngebheyili ngesikhathi iziphathimandla ziqhubeka nokuqoqa ubufakazi nemiphumela yokuhlolwa kwe-toxicology.

UTran wenze isenzo esinonya esingamfaka ejele isikhathi eside.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Izimfanzi

Izihloko zakamuva