Elmon Tshikhudo
Usole intombi yakhe ukuthi iyamkhohlisa wavele wadinwa wagana unwabu wahluleka ngisho ukuzilawula.
Indoda eqhamuka endaweni yasemakhaya e-Matavhela esigodini sase-Mutale e-Limpopo ithathe indodakazi yayishaya ngesando ekhanda ngenxa yokufuna ukuziphindiselela ngoLwesine.
Indodakazi yakhe ishonile naye wase ezama ukuzibulala.
Ubaba usolwa ngokuya lapho okuhlala khona intombi yakhe e-Dzwerani endaweni yase-Vuwani, wafike wathatha indodakazi yakhe kubo kamama wayo.
Kusolakala ukuthi ube eseyishaya ekhanda ngesando, wase eyibulala khona lapho wathatha isidumbu wasifaka ebhuthini.
Wahamba waya entabeni eseduzane.
Induna yesigodi uMnumzane uMashudu Shandukani obekhona lapho ekwenzeke khona isigameko uthe, ubizwe amalungu omphakathi.
“Ekufikeni kwami ngithole abantu behlangene bemi eduze nemoto, kodwa ngihlulekile ukubuka isidumbu ebesisebhuthini yemoto” kusho uMashudu.
Ngemuva kokufonela amaphoyisa, babe sebethungatha umbulali base bathola intambo eboshiwe esihlahleni kusho uShandukani.
Le ndoda ibonakale esigodini esiseduze sase-Tshidongololwe lapho umphakathi namaphoyisa bezame ukumbopha. Kodwa ube esezilwela, washaya iphoyisa ngetshe lalimala kakhulu.
“Sisathukile ngoba asikaze senzeke isigameko esikanje emphakathini wethu. Kusolwa ukuthi ubulale indodakazi ngoba efuna ukuziphindiselela entombini yakhe, kanti futhi ubenezinhloso zokuzibulala ngemuva kokubulala indodakazi yakhe” kusho uShandukani.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uqinisekisile wathi umsolwa uzovela enkantolo maduze.
UBardwell Mufunwaini oyilungu leforamu yamadoda ebizwa nge-Munna Ndi Nnyi uthe inhlangano yabo iphazamiseke kakhulu ngalesi sigameko esenzekile.
“Akalona ilungu lomphakathi wethu. Amadoda kumele abe abavikeli bemindeni yabo, uma ngabe indoda ibhekana nobunzima kumele ifune umuntu ozokhuluma naye oqeqeshiwe ukuze akwazi ukuthulula konke ukudinwa kwakhe kanye nokumhluphayo athole nosizo” kusho uBaedwell.