Ubukhosi bamaSwati manje buhola umbuso wamaZulu nowama-Swati

Lungani Zungu

Inkosi ehlonishwayo yama-Swati iNkosi uSobhuza II uqobo yayingacabangi ukuthi ngelinye ilanga indodana yakhe nendodakazi yakhe bazobusa amaSwati kanye namaZulu ngesikhathi esisodwa.

Ukukhothama kweNkosi yamaZulu uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu kuphoqa unkosikazi wayo, iNdlovukazi uMantfombi, ukuba abe yibamba leNkosi kuze kube wukuthi kuqokwa ozongena esikhundleni sakhe.

INdlovukazi uMantfombi (ongenhla neNkosi uZwelethini) ungudadewabo weNkosi uMswati III futhi uyindodakazi yeNkosi uSobhuza II.

Ukuhlelelwa okungekuhle kozoba yiNkosi yamaZulu ebukhosini bakwaZulu sekwenze indlu yeNkosi uSobhuza indlu yendabuko enamandla kunazo zonke eziseNingizimu ne-Afrika.

Akukacaci kahle ukuthi ngabe indodana yeNdlovukazi uMantfombi uMntwana uMisuzulu uzoba yiNkosi elandelayo yamaZulu yini.

Isizwe samaZulu kungenzeka sazi ngoLwesithathu ukuthi ngubani ozothatha izintambo embusweni weNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu okhotheme.

Indlu yasebukhosini ibilokhu isembangweni  ngenxa yohlelo lokuthi ngubani ozongena esikhundleni.

Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto, uMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi, onguNgqongqoshe woMdabu weSilo samaZulu, ukuqinisekisile ukuthi umhlangano ububanjwe ngamalungu aphezulu endlunkulu ngoMgqibelo.

Uthe kudingidwe izinto ezehlukene okubalwa kuzo nefa leSilo Samabandla uZwelithini, obekulindeleke ukuthi kuqokwe ozongena esikhundleni sakhe.

Umhlangano ububanjelwe eBukhosini KwaKhethomthandayo kwaNongoma, enyakatho ye-KZN.

UButhelezi uthe uzobuyekeza isizwe ngemuva komhlangano.

INdlovukazi uMantfombi, wabopha ifindo likasofasilahlane neNkosi uZwelithini ngowezi-1971, ngawo lowo nyaka wabekwa njengeNkosi.

Ngokusho kwesazi-mlando nomlobi uZoza Shongwe, owesifazane uke wabekwa esikhundleni phambilini.

Ngenkathi iNkosi uJama kaNdaba ikhothama ngowezi-1781, indodakazi yakhe uMkabayi yathatha izintambo njengomholi oyibamba leNkosi ngoba izinyane leNkosi uSenzangakhona kaJama wayesesemncane ngaleso sikhathi.

Ngokujwayelekile, uShongwe uthe, izinyane leNkosi nonkosikazi wokuqala weNkosi, eliqhamuka emndenini wasebukhosini, njengeNdlovukazi uMantfombi, ithatha izintambo uma  kukhothama iNkosi.

Kulokhu kumele kube nguMntwana uMisuzulu, oneminyaka engama-47, oyizinyane leNkosi uZwelithini neNdlovukazi uMantfombi.

Ngaphandle kwesiphathimandla, lesi sihlalo siphinde size nesabelomali eyizigidi ezingama–R71 esivela kuhulumeni wase-KZN nezinye izinzuzo ezivela kubantu abazimele.

UShongwe uthe akayazi inqubo ezolandelwa yindlu yobukhosi uma kukhethwa iNkosi elandelayo.

“Bangakhetha ukusebenzisa enye indlela, engaholela ekutheni omunye umuntu abe yiNkosi.”

Isithombe: pindula.co.zw

Izihloko zakamuva