Ubukeka eyisibonelo esihle uNgqongqoshe wezokuVakasha

Zukile Majova

Sidingida isiphakamiso sobuholi bukaNgqongqoshe wezokuVakasha we-ANC uLindiwe Sisulu. 

UNgqongqoshe wezokuVakasha uNksz Lindiwe Sisulu akakaze azibeke ethubeni lokuziveza esikhundleni sokuhola i-ANC.

Futhi kuze kube manje akekho onake akushoyo. 

Umkhankaso wakhe wokuba nguMengameli ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ka-2017 awuzange ube nathuba.

Ubemelene noCyril Ramaphosa, ubaziwa njengokhethwe nguNelson Mandela kanti uNkosazana Dlamini-Zuma wayengummeleli we-ANC Women’s League (i-ANCWL).

Kulokhu nokho izinto sezishintshile ungowesifazane othembeke kunabo bonke abagaqele isikhundla esiphezulu se-ANC noma isihlalo ku-Top 6.

Ungomunye wabaholi abagqamile ku-ANCWL osekuphoqe i-ANC ekuvumeleni amalungu amathathu ezikhundleni zayo eziyisithupha kuzwelonke futhi kuzoba ngabesifazane.

Kuze kube manje usezakhele isithombe sokuthi ugijima owakhe umjaho ngaphandle kwezinkambu ezimbili ezinkulu abasekeli baJacob Zuma kanye nabasekela uRamaphpsa kwi-ANC.

Isu lakhe ukuthi avele njengomuntu ozongenela ukhetho engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela noma asebenzise izinombolo zakhe ukufuna isikhundla sePhini likaMengameli.

USisulu uziveza njengomuntu othanda abantu abaningi njengoba eke wahola isiphakamiso engqungqutheleni yenqubomgomo ye-ANC esanda kuphakamisa ukuthi abadlwenguli kumele bathelwe ngamakhemikhali.

Ineminyaka engu-68 indodakazi yomakadebona uWalter no-Albertina Sisulu ayiseyona inkukhu yepolitiki.

Usehlale etafuleni cishe iminyaka engu-30 futhi unesipiliyoni kuhulumeni ngemuva kokukhethwa kwakhe ePhalamende lokuqala lentando yeningi eneminyaka engu-28 ngo-1994.

Irekhodi lakhe lide wake waba  uNgqongqoshe wezezindlu kusukela ngo-2004 kuya ku-2009, uNgqongqoshe wezokuvikela kanye nomakadebona wezimpi ngo-2009 kuya ku-2012), uNgqongqoshe wezisebenzi zikahulumeni nokuphatha kusukela ngo-2012 kuya ku-2014; uNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu, amanzi nokuthuthwa kwendle kusukela ngo-2014 kuya ku-2021 futhi manje usenguNgqongqoshe wezokuvakasha.

Njengoba engekho amacala athweswe wona uSisulu wamukelwe kahle kuzo zonke izifundazwe futhi umkhankaso wakhe uyandlondlobala.

Emasontweni edlule unikezwe izinkundla ezibalulekile zokukhuluma egameni le-ANC.

Lezi zihlanganisa ukufunwa kwesikhumbuzo sikaGovan Mbeki eNyuvesi yase-Fort Hare ngomhlaka-24 kuNcwaba, wahola imashi yokuthula nozinzo e-Soshanguve ngomhlaka-20 kuNcwaba futhi bamukelwe ngemfudumalo emcimbini we-ANCWL e-Germiston Civic Centre kuleli sonto.

Izihloko zakamuva