
Linda Ximba
U-Isaac Mpofu ubeseqalile ukwenza izinhlelo zokunqoba kwakhe u-R50 000 ngemuva kokufika entanjeni kwi-Durban International Marathon ebise-Moses Mabhida Stadium ngeSonto.
Uqede ngaphambi kwesikhathi esibekiwe, kodwa injabulo yalo msubathi wase-Zimbabwe ibe eyesikhashana ngesikhathi etshelwa ngabadidiyeli bomjaho ukuthi ukuwina kwakhe kuhoxisiwe.
Isizathu ubegqoke inombolo yakhe yelayisensi ngaphambili kuphela ezingubeni zakhe.
Umthetho we-Athletics South Africa uthi umsubathi kumele afake inombolo yakhe yelayisensi ngaphambili nangemuva.
UMpofu obegijima i-marathon ngaphansi kwe-Nedbank Running Club ukhombise ontanga yakhe ngokushiya igebe lika-02:10.24 esigabeni esingu-42km.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngaphambi komqhudelwano wezindondo uMpofu ubukeke emangele wathi uzocela kumphathi wakhe ukuthi amcacisele kabanzi ngalolu daba.
Kodwa uJulian Joseph weqembu le-KZN Athletics ugcizelele ukuthi ukunqoba kukaMpofu kuhoxisiwe.
“Imithetho eyabekwa ayijiki.” “Lokhu akuzwakali kahle, kodwa simtshelile yena nomphathi wakhe ukuthi abazange bayilandele imithetho. Kuthina kufana nokuthi ubegijimela ubumnandi.
Banelungelo lokudlulisa icala engakapheli amahora angu-24 kodwa ngiyangabaza ukuthi bazolinqoba leli cala.”
Isikhundla sokuqala sinikwe uTumelo Motlagale ophume isibili.
UMpofu uthe ubehlele ukukhokha izikweletu ezimbalwa nokukhokhela izingane zakhe ezimbili imali yesikole ngo-R50 000.
“Okwamanje ngisazohlala eThekwini ngibone ukuthi yini engingayenza ngaphambi kokuba ngibuyele ekhaya,” usho kanje.
Abagqugquzeli balo mjaho baphinde bamemezela ukuthi uBusisiwe Chamane ophume isithathu esigabeni sabesifazane ukhishwe ngenxa yokuthi wenze iphutha elifanayo nelikaMpofu.