Dylan Bettencourt
Sigubuzelwe ifu elimnyama isikole sase-Dale college ngemuva kokushona komunye umfundi futhi.
Kuphethe ngokuthi alahlekelwe impilo yakhe umdlali waseqenjini lokuqala lebhola lombhoxo ngesikhathi eshayisana kabi nomunye ekhanda ngoMgqibelo.
Le inhlekelele yesibili eyenzeka e-Dale College kuleli sonto ngemuva kokutholwa kukaLisakhanya Lwana eshonile ngoLwesibili. Kubikwe ukuthi ulahlekile ngoMgqibelo mhla zimbili kuMbasa.
ULiyabona Teyise ubewujabulele umdlalo wabo bebhekene ne-Port Rex Technical High School kanti bonke bebezitshela ukuthi kuzoba njengazo zonke izinsuku enkundleni yebhola lombhoxo.
Kodwa-ke lo mdlali obeneminyaka engu-18 ushayisane kabi nomunye umdlali ekhanda okumenze waquleka enkundleni, kodwa bazamile ukumsiza ngokushesha.
UTeyise ukwazile ukuphuma enkundleni ngaphambi kokuthi abhekwe ithimba lodokotela basenkundleni elifike lafakela umdlali umoya ngesikhathi ehluleka ukuphefumula.
Lo mdlali ube esephuthunyiswa esibhedlela i-Frere Provincial esise-East London, lapho efike wahlolwa khona kwi-CT scan evele yakhombisa ukopha ebuchosheni bakhe.
Ngeshwa kuvele kwaenela ukufa.
Uthishomkhulu wase-Dale College uGarth Shaw ubekhona esibhedlela ukweseka umndeni, kodwa bavuke ngezindaba ezibuhlungu ngeSonto.
Lesi sigameko sichazwe njengento abakade bengayinakile ukuthi ingathatha impilo.
UTeyise ubefuna ukubuyela enkundleni, kodwa njengoba equlekile bavele bamukhipha bafaka omunye umdlali.
Uthishomkhulu wase-Dale College uShaw uthi uphatheke kabi ngokushona kwalo mdlali.
“Ngikhulume nabasebenzi yize konke okwenzekile kusithusile njengoba ebesebenza kanzima, enesizotha, ekhuthele, enenhlonipho futhi ehlonishwa iwona wonke umuntu obenguntanga wakhe kanye nothisha esikoleni,” kusho uShaw i-Sport24.
“Kubuhlungu kakhulu futhi ngiphatheke kabi ngomndeni wakhe.”
“Akukholakali ukuthi isikole sethu sidlula entweni enzima kangaka, kodwa ngiphatheke kabi ngemindeni yomibili,” kuchaza uShaw.
Umthombo wesithombe: @SARugbyMag