Ubuhlungu kumama kushona indodakazi ngenxa yezikhukhula

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UPhekokazi Brown udonsele intombazanyana yakhe u-Alutha eduze kwakhe wayiqinisa ezandleni zakhe ngesikhathi ebona ukuthi amanzi emjondolo wakhe ayenyuka ngokushesha.

Kodwa ngesikhathi ezama ukubalekela endaweni ephephile nezingane zakhe ezimbili, u-Alutha oneminyaka emithathu ubudala uphunyukile emhlane wagugulwa amanzi anamandla abeheleza elokishini laKwanobuhle e-Kariega, eNelson Mandela Bay.

UBrown ukwaze ukubamba indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela.  Ngesikhathi eyisindisa kulesiyasiphithiphithi, uzwe izwi lika-Alutha njengoba amanzi ebemthatha, kanye nemfucumfucu.

U-Alutta umgilwa omncane kunabo bonke abahlaselwe yizikhukhula ezihlasele iNelson Mandela Bay ngempelasonto.

UBrown (32) uthe ubenendodakazi yakhe nendodana ngesikhathi amanzi eqala ukukhuphuka egcwala emjondolo wabo.

Uvuswe umsindo wamapuleti ewa ekhabetheni lakhe ngabo-10 ebusuku ngoMgqibelo.

“Ngethuswe wumsindo, ngasukuma ngayokhanyisa. Ngathi ngizama ukubeka izinyawo phansi ngezwa amanzi efika emadolweni.

“Ngathatha izingane zami ngokushesha ukuze siye kwagogo. Ngibeke uAlutha emhlane wami ngabamba indodana yami ngesandla.”

UBrown uthe ubezibona izitsha zakhe nezinye izinto zintanta emanzini.

Ngesikhathi bezama ukubalekela endaweni ephephile ebumnyameni, bafikelwa yigagasi lamanzi.

UBrown uthe ulahlekelwe isandla sendodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye.

“Ngizwe indodana yami ikhala icela usizo, ngathi ngizama ukumsiza ngashibilika ngawa.

“Ngizwe u-Alutha ethi ‘Mama siyawa’ [Mama, siyawa]”.

“Okulandelayp, amanzi angikhukhula, ngabambelela esihlahleni. Kungaleso sikhathi lapho engibone khona ukuthi angisayizwa  indodakazi yami emhlane.”

Umama obekhungathekile uthe uzame ukufuna izingane zakhe zombili emanzini amnyama anodaka.

Ekugcineni, wakwazi ukubalekela emzini oseduze, wafica indodana yakhe imlindile.

UBrown uthe utshele abantu ebebesendlini ngendodakazi yakhe elahlekile. Amalungu omphakathi ahlanganise ithimba lokubheka le ntombazanyana, kwabe sekubizwa amaphoyisa.

Nokho, imizamo yabo iphele kabuhlungu ngesikhathi isidumbu sika-Aluta sitholakala endaweni evulekile enotshani.

“Angikwazanga ngisho ukuhlonza isidumbu sakhe.  Udadewethu uhambe namaphoyisa,” kusho umama obekhungathekile.

Esithombeni ngenhla: U-Alutha Brown oneminyaka emithathu ubudala, olahlekelwe yimpilo yakhe ngenxa yezikhukhula e-Kariega ngempelasonto.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva