Ubuhlungu kubulawa umculi obedume ngelikaMaR5

Lubhalwe nguKarabo Rammutla noChris Gilili

Kulabo abebehambele indawo yobumnandi yokucisha ukoma ebusuku i-Magents social club e-Soshanguve ngoMgqibelo ebusuku bangasho ukuthi ukunandisa kukaVusi owaziwa ngelikaMaR5 bekujabulisa njengenjwayelo.

Kodwa ukucishwa kukagesi kunqamule uhlelo ngesikhathi lo mculi wodumo wengoma ethi “Chomi ke Changitse” ephumele ngaphandle ethi ubamba umakhalekhukhwini wakhe ngemuva kwesikhathi kwazwakala ukuqhuma kwesibhamu kule ndawo uVusi watholakala eshonile.

Ukushona kukaMaR5 kuza emasontweni ambalwa ngemuva kokudutshulwa nokubulawa kwesihlabani somculo wase-Tshwane uLesego Sonti, e-Mabopane okulethe ukwesaba embonini yomculo.

Umculi ongathandanga ukudalulwa uthe kuzoba nzima ukunandisa emicimbini ngemuva kokubulawa kukaMaR5. Kuze kube bayazi ukuthi kwenzekani ngeke bazizwe bephephile.

“Lesi isigameko sesibili sokubulawa estokofeleni okusho ukuthi owenza lokhu ubheke yonke into esiyenzayo. Kumele sazi ukuthi kungani kwenzeka lokhu ngoba njengamanje sisebumnyameni.”

Umdansi obesebenzisana noMaR5, ogama lakhe langempela ngu-Itumeleng Mosoeu uthe umona ungaba imbangela yokubulawa kwalaba.

“Iningi imali ekhishwa kulesi sitokofela. Futhi wonke umuntu uyabona ukuthi amalungu agoduka nemalini. Kungaba umona njengoba bobabili uSonti noMaR5 benza imali eningi ngalezi zitokofela.”

Lo mdansi ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe kumele ziphele izitokofela. Impela ukubulawa kwabantu kuzophela uma simisa lezi zitokofela zamasonto onke.”

I-Scrolla.Africa ivakashele umndeni kaMaR5 e-Boekenhout, e-Mabopane, kodwa unqabile ukuphawula wase usidlulisela kuTebogo Molelekeng we-Tribal Records okhiphe isitatimende esiqinisekisa ukushona kwakhe.

UMolelekeng uthe imininingwane yokushona kwakhe ngeke idalulwe njengoba uphenyo lusaqhubeka.

Umculi uMpho Tharaga utshele i-Scrolla.Africa ukuthi inhliziyo yakhe ibuhlungu ngokushona komngani wakhe omkhulu wathi bebesebenza phezu kwento enkulu ndawonye.

Bekufanele abe isivakashi esikhethekile kuma-Great Times Magazine Awards ka-2023 njengoba eqokwe emkhakheni we-Artist of the year. 

“Ukudlula kwakhe emhlabeni  kungazelele kungizwise ubuhlungu, ngizohlezi ngimkhumbula nangendlela akade eyiyo. Lokhu kubi futhi kuyishwa elikhulu.”

Esithombeni esingenhla: Umculi we-Bacardi uVusi MaR5 odutshulwe wabulawa e-Soshanguve

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva