Ubuhlungu bukaMama uJoy kwelikanobhutshuzwayo

UMama Joy Chauke, umlandeli owaziwayo we-Orlando Pirates akaneme neze ngokuthi yena nabalandeli bakhe be-Bucs ngeke babe se-Orlando Stadium ukuzobuka i-derby yase-Soweto lapho izimbangi ezimbili zase-Soweto zibhekene ngeSonto.

La maqembu agcina ukudlala ngesizini yowezi-2014/2015 kanti umdlalo uphele zibambene ngegoli elilodwa kwelilodwa kwathi uLehlohonolo Majoro washayela i-Pirates igoli kwathi uSiyabonga Nomvete washayela i-Swallows igoli.

Ngemuva kwalokho, ukwehla kwe-Swallows kwenze ikilabhu yehlelwe yizembe amahlandla amathathu elandelana. Usihlalo uPanyaza Lesufi uqale ukuvuselelwa kweSwallows kuligi engezansi ngaphansi kwegama elisha i-Swallows FC.

Ukubuya kwe-Swallows kwamukelwe umphakathi webhola ngesikhathi bethenga isikhundla sabo se-GladAfrica Championship (i-NFD) ku-Maccabi FC. Iqembu lithole ukukhuphuka okuzenzakalelayo libuyela ebholeni eliphezulu ngesizini edlule.

Umlandeli we-Pirates, uMama Joy uthe: “Bekungaba kuhle ukwamukela i-Swallows ku-PSL nabanye abalandeli enkundleni. Ngiphatheke kabi ukuthi ngeke ngikwazi ukuwubukela bukhoma umdlalo.”

Ukhuthaze abalandeli ukuthi babuke umdlalo kumabonakude.

“Siyaqonda ukuthi i-Covid-19 isekhona futhi kumele silandele imigomo,” uyasho.

Uthe abalandeli bebhola bangalindela amagoli amaningi.

“Siyazi ukuthi i-Swallows iyadlala kodwa sizoyishaya e-Orlando Stadium. Ngibona amagoli amathathu kithi,” kusho uJoy Chauke.

I-Swallows esefomini futhi iyazethemba futhi iza kulo mdlalo nerekhodi lokungahlulwa kanti i-Pirates ifuna ukubuya kulandela ukuhlulwa ngo ngegoli elilodwa eqandeni yi-Mamelodi Sundowns emdlalweni wokuqala wonyaka. Isihlabani se-Pirates, uVincent Pule uzophuthelwa kulo mdlalo kanjalo noZaphaniah Mbokoma we-Sundowns.

Ukunqoba kwe-Dube Birds kungayihambisa esicongweni setafula le-DStv Premiership kuya ngokuthi i-Sundowns idlala kanjani ne-Baroka ngoMgqibelo ntambama.

Umdlalo we-Orlando Pirates ne-Swallows FC uhlelelwe ukudlala ngo-15: 30, ngeSonto ntambama e-Orlando Stadium.

Isithombe: Sihlinzekiwe

Izihloko zakamuva