Ubuhlungu amaqembu amabili aseVenda evalelisa ebholeni elikhokhelayo

Lubhalwe nguMichael Madyira

Bekuyimpelasonto edabukisayo ebholeni lase-Thohoyandou, e-Limpopo kulandela ukuphuma kwe-Black Leopards ne-Tshakhuma Tsha Madzivandila ku-National First Division.

La maqembu womabili abenza indawo yase-Venda izigqaje ngawo ikakhulukazi njengoba i-Leopards isichithe iminyaka eminingi igijima ku-Premier Soccer League.

Kodwa ngemuva kokukhishwa kwiligi yebhola ehamba phambili ekupheleni kwesizini ka-2020/21, i-Black Leopards isiphinde yacwila okwesithathu.

Bazohlanganiswa neTshakhuma Tsha Madzivhandila kumasemi-professional.

Okugqame kulesizini ebinzima kula maqembu ukuthi aphume sekusele imidlalo emibili yeligi.

I-Leopards ihlezi emsileni ku-Division One ngamaphuzu angu-22 ngemuva kokunqoba imidlo emine kuphela emidlalweni engu-28 kanti i-TTM ihlezi phezu kwayo ngamaphuzu angu-23.

Iqembu elidume kakhulu e-Limpopo ama-Leopards ngokuhamba kweminyaka abelokhu evika ukuwela ezigabeni ezingejwayelekile.

Ekupheleni kwesizini ka-2007/08 neka-2012/13 behliselwe esigabeni sesibili, kodwa bebelokhu beyitholile indlela yokubuyela ku-PSL.

Kodwa ngemuva kokwehla besuka phezulu kumasizini amabili edlule, kumele bavalelisie ebholeni elikhokhelwayo.

Ozakwabo base-Venda i-TTM bachithe isizini ka-2020/21 bedlala ibhola le-PSL ngemuva kokuthenga i-Bidvest Wits, ngaphambi kokudayisela iMarumo Gallants isikhundla sabo seligi ephezulu.

Ngemuva kwalokho baphinde bavuka esigabeni sesibili, kodwa bathwale kanzima ukuzigcina besezingeni eliphezulu.

“I-Bidvest Wits ihambile, kanjalo nje ne-Black Leopards,” umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt uphendule emangele ngokwenzeke kuma-Leopards.

UHunt wake wasebenza e-Venda engumqeqeshi wama-Leopards ephethe i-Bidvest Wits ngesikhathi idayiselwa i-TTM.

Isithombe esingenhla: Abadlali be-Black Leopards FC

Umthombo wesithombe: I-Black Leopards FC

Izihloko zakamuva