Kamogelo Muvhenzhe
UKutullo wayecabanga ukuthi uthole uthando enkundleni yokuxhumana, kodwa indoda ahlangana nayo ku-Facebook manje ibhekene necala lokubulawa kwakhe.
UKutullo Maake ubeyikholwa eliqinile enkolweni yalo futhi ubekholelwa ekubeni sebudlelwaneni nomunye umuntu okholwa njengaye.
Ngonyaka odlule le ntokazi eneminyaka engama-27 yahlangana nowesilisa ku-Facebook owayebonakala ethanda ubuKrestu njengaye.
Kodwa uKutullo wayengazi ukuthi uPhuti Monareng oneminyaka engama-30 ushadile.
Ngemuva kwamasonto ambalwa, benza amalungiselelo okuhlangana noMonareng egumbini lakhe eliqashiwe e-Polokwane, ngaphezu kwamakhilomitha angama-200 ukusuka esigodini sangakwaKutullo e-Burgersfort.
Ngemuva kwesikhashana eselale noKutullo, uMonareng kuthiwa wamgwaza washona.
Eshiya isidumbu sakhe egumbini lakhe e-Flora Park, wantshontsha imoto yakhe wabuyela kumkakhe wazishaya isifuba ngemoto yakhe ‘entsha’, wathi uyithenge ePitoli.
Akubanga nje sikhathi esingakanani wabanjwa uMonareng, ngenkathi ehamba nomndeni wakhe beya esontweni ngemoto kaKutullo.
Yize leli cala lenzeka ngoNtulikazi wangonyaka odlule, leli cala lasulwa yiNkantolo yeMantshi yase-Polokwane ngenxa yokushoda kobufakazi kwathi uMonareng wakhululwa.
Kodwa ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye, leli cala labuyiselwa ngoNhlaba kulandela ubufakazi obusanda kutholwa ngamaphoyisa.
Ubufakazi obusha abukavezwa emphakathini.
NgoLwesibili, uMonareng uvele eNkantolo yeMantshi yase-Polokwane ngamacala okubulala nokweba.
Ubabekazi kaKutullo, uVinny Molapo, uthe ubugebengu obenziwe nguMonareng bungaphezu kobubi.
“Sashaqeka ngenkath ekhululwa. Manje esikufunayo nje ukuthi asitshele ukuthi umbulaleleni, ngoba silahlekelwe yimpilo eyigugu kuKutullo. Kunzima ukuthi wonke umuntu ekhaya aphile nobuhlungu ngoba impilo kaKutullo ithathwe esemncane” kusho uVinny etshela i-Scrolla.Africa.
Icala lokubulala selidluliselwe eNkantolo eNkulu yase-Limpopo ukuze liqulwe kusukela mhla zi-18 kuNtulikazi ngowezi-2022.