Ubudlelwano nelaseRussia bubeka engcupheni iSA Grand Prix

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Imizamo yokuvuselela i-South African Grand Prix e-Kyalami ihoxisiwe ngenxa yobudlelwano bezwe ne-Russia.

Elakuleli elingakaze lisingathe lo mjaho kusukela ngo-1993 libhekane nezingqinamba mayelana nemininingwane yezezimali ezingxoxweni zokuqala phakathi kwe-Formula 1 nophromotha uWarren Scheckter.

Uphromotha omusha we-777 eholwa u-Adam Brown ukhombise intshisekelo yokuletha i-Formula 1 kuleli waphinde wathola ukwesekwa uLewis Hamilton osewine lo mjaho amahlandla ayisikhombisa.

Kodwa-ke, kuyaqondakala ukuthi ubudlelwano bezepolitiki phakathi kwalakuleli ne-Russia sekuholele esinqumweni sokuhoxiswa kwezinhlelo ze-South African Grand Prix maduze nje, kubika i-Racing365.

Ngemuva kokuthi i-Russia ihlasele e-Ukraine kwadingeka ukuthi i-Formula 1 ihoxise i-Russian Grand Prix ngokushesha nyakenye kanti isigungu esilawulayo se-Formula 1 i-FIA siye savimbela i-Russia ne-Belarus ukubamba iqhaza uma zingavumi ukusayina isivumelwano sokungathathi hlangothi.

Ubudlelwano belakuleli nombuso kaMengameli uVladimir Putin buyisithiyo ebesingalindelekile ku-Formula 1 njengoba izwe lingayigxeki i-Russia noma impi eqhubekayo.

Yize sekusele kancane ukuthi kuphothulwe imibandela phakathi kwe-777 ne-Formula 1 isimo sezepolitiki sakuleli kanye nokuhlangana kwayo ne-Russia, i-Brazil, i-China kanye ne-India ngokusebenzisa i-BRICS kwenze umqhudelwano wakuleli ungaqhubeki okwamanje.

Kulindeleke ukuthi isinqumo sokulahla izinhlelo ze-Grand Prix kuleli sihlomulise i-Spa-Francorchamps yase-Belgium njengoba kungase kubonakale i-Belgian Grand Prix ekhalendeni.

Kuthiwa isekethe yomjaho e-Kyalami ivumile ukuthi izoqashisa izikhungo zayo ze-777 ngesikhathi kusalindwe ukusayinwa okusemthethweni kodwa kwagcina kungenzekanga.

Njengoba ziqhubeka izinsolo zokuthi elakuleli lihlinzeka i-Russia ngezikhali asengcupheni amathuba okuthi i-Grand Prix yakuleli ibekhona esikhathini esizayo.

Zombili i-Formula 1 ne-Kyalami Circuit azikaphawuli ngalolu daba.

Esithombeni esingenhla: Isekethe yase-Kyalami

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva