Ubudedengu bokungayinaki i-Covid-19 sekufake uMengameli wase-Brazil enkingeni

UMengameli wase-Brazil uJair Bolsonaro angabekwa icala lokubulala, njengoba ebebudedengu wangaqapha ubungozi be-Covid-19.

Bayizi-600,000 abantu base-Brazil ababulewe yilesi sifo ngemuva kokuthi uBolsanaro ezibe isayensi, wangathatha isinqumo sokuvalela isizwe ezindlini futhi ubebudedengu ngokuthenga ngemuva kwesikhathi eside imigomo ye-Covid-19.

Manje uphenyo olwenziwe umkhandlu wombuso wezwe luzombeka amacala okubulala, ngoba kuvela ukuthi wenza ngamabomu wahlehlisa usuku lokutholwa kwemigomo ye-Covid-19.

Lo mbiko usalungiswa, kusamele uvotelwe, futhi ungashintshwa umkhandlu wombuso.

Kodwa lo mbiko uqukethe okunye okutholakele okuzovusa abanye osopolitiki abasaphikisana umhlaba wonke, ukuthi bangayithathi kancane i-Covid-19.

Izihloko zakamuva