Sizwe Sibiya
UPilani Bubu ongumculi owine izindondo kulo lonke elase-Afrika ukhangisa nge-albhamu yakhe entsha, ebizwa ngokuthi i-Lockdown Lovestory.
I-albhamu yakhe iyiqoqo lezingoma zothando ezigqugquzelwa udaba lwakhe.
Ngaphambi kokukhishwa kwayo, uBubu ubelokhu evakashela e-Kenya, evela eziteshini zomsakazo eziningi nakwiziteshi zakumabonakude.
“Kwaqala ngezinga lesihlanu lomvalelo elaqala ngoNdasa ngo-2020 ngesikhathi uMengameli evala yonke into,” kusho uBubu etshela i-NTV engxoxweni, ngemuva kokucula enye yezingoma ezikwi-albhamu.
UBubu uxoxe ngesihloko sezingoma zakhe zothando nomuntu athandana naye ngesikhathi somvalelo.
“Lo muntu waqala ukukhuluma nami kuma-DM ami, ngakho-ke asikaze sihlangane ngempela, futhi kwaholela engxoxweni yocingo. Futhi konke okwenzeka kuleyo ngxoxo yothando ngayibhala phansi, futhi bekuwuthando lwangempela loluyana,” kuqhuba uBubu.
UBubu uthe ubudlelwano obuvuthayo baphela ngemuva kwezinyanga ezimbalwa ngesikhathi umvalelo unzima ngoNcwaba nokuyilapho “ayeka khona ukuthumela imiyalezo”.
Lo mculi udalule ukuthi ingoma yokuqala ekwi-albhamu ethi-“As We Lay” ingoma ekhuluma ngabathandanayo “abajabulisana kakhulu”.
UBubu, owaqala ukucula kumakhwaya eneminyaka engu-10 ubudala, wawina i-Best African Adult Contemporary Album ngephrojekthi yakhe ye-Folklore ngo-2019 kuma- 26th SAMA Music Awards.