Ububha bumosha isikhumbuzo sempi yaseSandlwana

e Lubhalwe nguLungani Zungu

Kule mpelasonto esiphuma kuyo izakhamizi zaseNquthu bezijabulele ukubungaza iminyaka engu-144 yempi yaseSandlwana eyingqophamlando lapho ibutho elincane lamaZulu elanqoba khona ibutho lamaNgisi elalihlome liphelele.

Kodwa manje lokhu sekuphenduke usizi kwizakamizi, ezibhekene nobubha kanye nokuntuleka kwemisebenzi – okuyizinto ezibalulekile kubantu abaningi abahlala kuleli dolobhana elisemaphandleni enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Phakathi kwabo kukhona uMnu Musa Mthikhulu ocele ukuthi le ndawo ibe nomcimbi wesikhumbuzoozosetshenziselwa ukufukula iNquthu.

“Lona umcimbi obalulekile engicabanga ukuthi kufanele usetshenziselwe ukwenza uguquko lwaphakade ezimpilweni zabantu esikhundleni sokuba umcimbi owenzeka kanye ngonyaka ongasizi izakhamizi ngalutho,” etshela i-Scroll.Africa.

Esinye isakhamuzi uNksz Thabile Ngema ukhale ngokuntuleka kwemisebenzi athe sekushiye imindeni eminingi ikhungathekile.

“Imindeni  lapha ayikwazi ukubeka ukudla etafuleni. Sicela uhulumeni ukuthi akuguqule lokhu. Senza izikhumbuzo ezinkulu lapha kodwa abantu babulawa indlala. Akuwenzi umqondo,” esho ngokucasuka.

Okunye okuthukuthelisa uNgema kakhulu ukuthi izakhamizi kade zalindela ukuthi kube  nesigcinamagugu, ama-B&B kanye nezinye ezinto ezingasiza ukuheha izivakashi eNquthu nokuyizinto ezathenjiswa eminyakeni edlule nguhulumeni waKwaZulu-Natal. Lokhu bekungadala imisebenzi edingeka kakhulu.

Sikhuluma kulo mcimbi, iSilo samaZulu uMisuzulu KaZwelithini unxuse uhulumeni ukuthi aqaphe ngokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya.

“Kumele silwele ukwenza izindawo zasemakhaya zibe izindawo ezingcono zokuhlala nokusebenza kuzona,” usho kanje ekhuluma ngesiZulu.

Selokhu sathatha isihlalo sobukhosi ngo-2021, iSilo sifunge sagomela ukuthi sizoqhubeka lapho uyise iSilo samaBandla esakhothama uGoodwill Zwelithini KaBhekuzulu sigcine khona ngokuthuthukisa izimpilo zezakhamizi zasemakhaya.

Inkomba yokuqala yokuthi uzimisele ngokwenza lokho yavela ngesikhathi engenelela enkingeni yamanzi eMkhanyakude, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Uthe lesi sikhumbuzo kumele sisetshenziselwe ukwakha ubumbano phakathi kwezinhlanga ezahlukene.

“Lo mgubho kumele uvulelwe bonke abantu bakuleli hhayi amaZulu namaNgisi kuphela ngoba ungowethu sonke,” esho.

Ngaphandle kwamaZulu iNquthu iphinde ibe indawo yabantu abakhuluma isi-Sotho nesi-Tswana.

Impi yaseSandlwana eyaba ngo-1879 ngesikhathi kubusa iSilo uCetshwayo kaMpande yilapho ibutho likaZulu elalihlome ngemikhonto nezinduku kuphela elanqoba khona ibutho lamaNgisi elalihlome ngezikhali kanti kwashona izinkulungwane zabantu.

Ngesikhathi sesikhumbuzo kwenziwe impinda yempi ngamabutho amasha kaZulu nawamaNgisi; egqoke imvunulo yesintu kanye nemifaniswano yamasosha.

Esithombeni esingenhla: Abantu abazibiza ngamabutho kaZulu nawamaNgisi bekhombisa indlela impi eyaliwa ngayo

Umthombo wesithombe: Uhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal

Izihloko zakamuva