UBroos uthola akufunayo

Menzi Magubane

ISafa izifezile izimfuno zomqeqeshi omusha weBafana Bafana uHugo Broos.

NgoLwesithathu ukuqinisekisile kwabezindaba ukuthi unomsizi wakhe wokuqala uCedomir Janevski.

“UJanevski ungumngani wami omkhulu ose-Cyprus okwamanje kanti uzongijoyina lapha ngemuva kokuphela kwesizini,” kusho uBroos.

“Ngizoba nomsizi wendawo, kodwa angikwazi ukusho ukuthi ungubani okwamanje.”

Yize isizini ka-2020/21 isizophela, uBroos kufanele abe nesikhathi sokubuka ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika liyini emidlalweni esele.

“Okwamanje uhlelo ukuthi sibe nabadlali emidlalweni elandelayo. Kodwa ukuze lokho kwenzeke ngizodinga umsizi wami waseNingizimu Afrika ngoba ubazi kangcono abadlali kunami,” esho.

Njengoba i-CAF ihlehlise ukuqala kwemidlalo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-FIFA kusuka ngoNhlangulana kuya kuMandulo, uBroos nomsizi wakhe bazoba nesikhathi esanele kakhulu sokuhlola abadlali babo bokuqala abangama-23.

“Ngiyalithanda ibhola likanokusho, ifilosofi yami leyo. Ngeke sidlale phambi kwezethameli ezingama-60,000 bese silinda ibhola kuphela. Akusona isitayela sami leso,” esho.

“Okubalulekile kimina iqembu, hhayi abantu abambalwa. Ngikutholile lokho nge-Cameroon. Besingenalo iqembu elihamba phambili kodwa sinqobe i-Afcon.”

Umdlalo wokuqala kaBroos uzobhekana nomakhelwane i-Zimbabwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Ngemuva kwalokho adlale ne-Ghana kanye ne-Ethiopia njengamanye amaqembu aku-Group G.   

Izihloko zakamuva