UBroos usewadalulile amagama abadlali abakhethile

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ngemuva kokumenyezelwa kweqembu labadlali abangu-23 elizobhekana ne-Mozambique ne-Angola emidlalweni yobungani ezayo yamazwe ngamazwe, bese kuyisikhathi sokuthi umqeqeshi uHugo Broos aveze izizathu zokuqokwa kwakhe la badlali.

Okunye obekukhulunywe ngakho ukushiwa ngaphandle komgadli odabuka e-France uLebo Mothiba, kanti ngesikhathi ebuzwa uBroos uvele washaya izaba njengenjwayelo.

Ebhekene nabezindaba abaphenyayo, lo mqeqeshi wase-Belgium esikhathini esidlule uye wathwala kanzima ukuxhasa iqembu lakhe kanti ubevame ukunikeza izimpendulo ezingaphelele.

Ekuqaleni konyaka lo mqeqeshi owawina i-Afcon wagila izimanga kumgadli weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane ngesikhathi egcizelela ukuthi angeke angene ezinhlelweni zakhe.

Ohlwini lwakamuva uBroos usivikele isinqumo sakhe sokuhoxisa uMothiba osebuyele esimeni esihle futhi oseshaye amagoli amabili emidlalweni eyisithupha ye-Ligue 1 ye-Strasbourg.

“UMothiba usehlale neqembu lakhe amasonto amabili futhi udlala nje isigamu sehora nemizuzu engu-15 noma ngaphezulu,” kusho uBroos. 

“Ingabe leli izinga okumele silibheke ukuthatha umdlali? Angazi futhi angicabangi kanjalo. Udinga ukwenza kahle azimisele uma esenkundleni. Ulimale isikhathi eside futhi akazange adlale ngonyaka odlule ngakho-ke sobona ukuthi kuzokwenzakalani.”

Womabili amagoli kaMothiba uwashaye emasontweni amabili edlule okuhlanganisa nomdlalo bebhekene ne-Marseille okuwumdlalo adlale kuwo imizuzu engu-45.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala udlala ngokukhulu ukuzimisela kunabanye abadlali beBafana. 

Yize uBroos ebenza ngathi uMothiba umdlali ofakwa isikhathi esincane enkundleni, lo mdlali uyazimisela kuyo yonke imizuzu asuke eyidlala. 

Ukushaya amagoli amabili emidlalweni eyisithupha ephuma ebhentshini kungcono kunoZakhele Lepasa odlalela iPirates osashaye igoli elilodwa leligi emidlalweni eyisishiyagalolunye ye-Premier Soccer League.

Omunye umgadli othandwa nguBroos, uMihlali Mayambela naye unegoli elilodwa emidlalweni eyisishiyagalombili eqenjini lakhe eligijima kuligi yase-Cyprus kanye ne-Aris Limassol.

Kodwa uMothiba akanakiwe yize ebuya ekulimaleni isikhathi eside ngoMasingana ngaphambi kokuthi adlale imidlalo engu-13 kwi-Troyes ngesizini edlule okuyilapho ebebolekiswe khona.

Ubengasali eqenjini lesizwe kusukela kowamanqamu e-Afcon ka-2019, e-Egypt.

NgoMandulo, uBroos uthe ukhiphe uKeagan Dolly ngoba iKaizer Chiefs idonsa kanzima, kodwa lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Cameroon ubambelele kuNyiko Mobbie odlala kwesokudla emuva kwiSekhukhune United esendaweni yesibili ukusuka ezansi ku-PSL.

Ukuqhubeka nokuqokwa kukaMobbie kuqhamuke nokukhishwa kukaKhuliso Mudau weMamelodi Sundowns futhi ojwayele ukudlala. 

Isithombe esingenhla ngesomgadli wakuleli we-Strasbourg uLebo Mothiba

Izihloko zakamuva