
Menzi Magubane
Ukuqagela “nokuzibuza imibuzo engapheli” kuphelile.
UHugo Broos wase-Belgium uqinisekiswe yi-South African Football Association (SAFA) njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana ngoLwesithathu.
Futhi umsebenzi omkhulu ohlwini lwezinto okumele zenziwe nguBroos, ukuhola iqembu liye kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-FIFA e-Qatar ngowe-2022.
UBroos uthatha izintambo kuMolefi Ntseki owaxoshwa ngemuva kokuthi iBafana ihlulekile ukungena kwi-CAF Africa Cup of Nations ezoba se-Cameroon ngonyaka ozayo.
Kunamahlebezi amaningi okuthi uNtseki angagcina esengumsizi kaBroos.
Ngaphambi kokuqokwa kukaBroos, igama likaCarlos Queiroz lalisohlwini kodwa wayichitha iSafa. Ngemuva kwalokho kwabikwa ukuthi basezingxoxweni noPitso Mosimane kodwa wakubeka kwacaca ukuthi akazimisele ngokubuya.
Muva nje umqeqeshi waMaZulu uBenni McCarthy, ubehola umjaho wokuba ngumqeqeshi omusha weBafana kodwa ngokusho kwe-TimesLive, uyekiwe ngenxa yokufuna izidingo eziningi.
Kuyaqondakala ukuthi uMcCarthy ubefuna i-Safa iqoke ozokwabo beqembu laMaZulu uSiyabonga Nomvethe kanye noMoeneeb Josephs njengabasizi babaqeqeshi bakhe ngokugcwele.
“Izidingo zikaBenni zokuba abe neqembu lobuchwepheshe ngokugcwele bezingeke zifezeke kanti nososeshini ubengeke akwazi ukuzikhokhela,” kusho umthombo we-TimesLive.
Phambilini uBroos uholele iCameroon ekunqobeni isicoco se-Afcon ngowe-2017. Emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba iBafana iku-Group G neZimbabwe, i-Ethiopia neGhana.
Umdlalo wabo neZimbabwe uhlelelwe umhla zi-5 kuNhlangulana ngaphambi kokuthi iBlack Stars ifike izodlala neBafana ekhaya.
IBafana igcine ukudlala emdlalweni wendebe yomhlaba ngowe-2010 ngesikhathi bengena ngokuzenzakalela njengoba iNingizimu Afrika yayisingathe lo mqhudelwano. Bagcina ukungenela ngowe-2002.
Umthombo wesithombe: @robertmarawa