UBroos udinga ukuhlonishwa ngomsebenzi wakhe

UMenzi Magubane uchaza ukuthi kungani abahlaziyi bebhola kanye nabadlali bakudala kufanele bahloniphe umqeqeshi wamanje weBafana Bafana uHugo Broos uma eqoka abadlali abazodlala.

Kuyadumaza ukubona uBroos engakutholi ukwesekwa okuphelele kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika.

Abalandeli bahlezi bekhononda uma uBroos ememezela iqembu lakhe bemtshela ukuthi yibaphi abadlali obekufanele abaqoke noma okungafanele abaqoke.

Lo mqeqeshi odabuka e-Belgium uphinde wagxekwa ngokungababizi abadlali abaningi okucatshangwa ukuthi bekufanele abaqoke ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (i-Afcon).

Siyazi sonke ukuthi i-Mamelodi Sundowns iyabusa ebholeni laseNingizimu Afrikav futhi abadlali bayo bahambe nezindondo ezinkulu ze-PSL ngesonto eledlule.

Kodwa-ke kuhle ukubona uBroos ezimela njengoba esaqhubeka nokwakha kabusha iqembu lesizwe nokuyinto abeqashelwe ukuyenza kwasekuqaleni.

UBroos useziphendulele kulabo abebemhlukumeza kusukela athatha izintambo zokuqeqesha. Ukubeke kwacaca ukuthi akasoze azikhothamela lezo ziqhwaga.

“Ngicela ningangizwa kabi, nyakenye ngesikhathi ngiqoka isikwati sami sokuqala wonke umuntu wayengibuza ukuthi kungani ngingamqoki uNjabulo Ngcobo. Ungumdlali wasemuva ovelele kwiligi. Bheka ukuthi kwenzekalani ngaye kwi-Kaizer Chiefs. Akadlali kodwa ubengumdlali wasemuva ovelele,” kusho uBroos.

Abahlaziyi baphinde bagxeka uBroos ngokungaqoki u-Andile Jali noThemba Zwane emdlalweni wokuqala wokuhlungela i-Afcon abazobe bebhekene ne-Morocco kuwo ngesonto elizayo.

“Ungagxili ekutheni uJali noZwane banezindondo ezinhlanu. Njengoba ngike ngasho ekuqaleni, ngizophinde ngisho futhi eminyakeni emibili. Ngiyaxolisa kodwa angisiboni isizathu sokuthi ngiqoke uJali noZwane.” 

“Angiboni ukuthi kukhona ozongiphoqa ukuthi ngiqoke abadlali engingabadingi ezinhlelweni zami zeqembu lesizwe,” esho.

IBafana izovakashela e-Morocco ngoMgqibelo ozayo kanti iqembu lizodinga konke ukwesekwa elingakuthola kubalandeli bebhola baseNingizimu Afrika.

UBroos naye uyakudinga lokho kwesekwa. Ukumgxeka ngeke kusize. Asimeseke njengomqeqeshi weqembu lethu lesizwe.

Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes

Izihloko zakamuva