UBroos ubuyisa ithemba ngeBafana ebisibhacaza

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ushintsho olumangalisayo kuHugo Broos kusukela ekubeni umuntu ogxeka kakhulu iqembu lakhe iBafana Bafana kuya kumuntu osephenduke ithemba eqenjini lesizwe.

Elakuleli lihlomule ngendondo yethusi kowamanqamu we-Africa Cup of Nations ophele ngeSonto.

IBafana Bafana ihlule i-DR Congo sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo, kulandela ukudlala ngokulingana ngo 0-0.

Kumqeqeshi ongazange ashiye lutho uma kuziwa ekuthethiseni abadlali bakhe esidlangalaleni, ikakhulukazi abadlali bakhe abangenzi kahle, lo mqeqeshi wase-Belgium usecula ingoma ehlukile.

“Ngemuva komdlalo wethu ne-Nigeria ngithe ngiyaziqhenya ngaleli qembu futhi ngicabanga ukuthi namuhla abantu bayabona ukuthi kungani ngithi ngiyaziqhenya,” kusho uBroos ku-CAFOnline ngemuva komdlalo wabo ne-DR Congo.

“Besesikhathele kodwa uma ubheka isimo sengqondo kuleliya qembu, sihlaba umxhwele. Abafana benze kahle kakhulu. Bakhombise umoya omuhle.”

Phambilini uBroos wayeke wakungabaza ukuqhudelana ku-Premier Soccer League izikhathi ezimbalwa kodwa isikwati sakhe, esiphethwe ngabadlali bakuleli simenze wawina indondo yethusi.

Kuthathe isikhathi ukuthi abadlali babambe izindlela zomqeqeshi wakudala we-Cameroon futhi uyajabula ukuthi benza izinto ngendlela yakhe manje.

“Bazamile ukwenza engikucelile, futhi ngiyaqonda ukuthi bekunzima,” kwengeza uBroos.

“Kuyakhombisa ukuthi uma sinezinkinga singathembela kulabo abasebhentshini. Bengigculisekile ngabadlali enkundleni, kodwa ngeneliseke nakakhulu ngabangaphandle kwenkundla.

“Bebebakhuthaza bebaphusha. Kulokhu uyazi ukuthi unabadlali abangu-23 abafuna into eyodwa nokuwina.”

Njengoba sebewuqedile umqhudelwano wabo we-Afcon, iBafana manje isigxile emidlalweni yobungani yangoNdasa ne-Andorra kanye ne-Algeria ngaphambi kokuthi iphinde iqale imidlalo yokuhlungela indebe yomhlaba ye-Fifa yango-2026 ngoNhlangulana.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beBafana Bafana baxukuza unozinti uRonwen Williams ngemuva komdlalo wabo ne-DR Congo.

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva