UBroos ubevele eyihlabe esikhonkosini

UMenzi Magubane umile kwelokuthi uHugo Broos bekungamele axolise ngokukhuluma iqiniso ngesimo esibi sebhola lakuleli.

Izinga lebhola lakuleli liya ngokwehla futhi akukho okwenziwayo ukulilungisa.

Noma ngubani ophoqe uBroos ukuthi axolise ubenephutha. Lo mqeqeshi wase-Belgium ufike kuleli ezokwakha kabusha iqembu lesizwe, eseliphenduke inhlekisa kwizwekazi lonke.

Iligi ayikwazi ukusiza iBafana kanti abaphathi bamaqembu kumele basheshe babeke izinkinga zaleli qembu eqhulwini ukuze inkinga isheshe ilungiseke. 

UBroos udinga ukunikwa isikhathi ngoba usendleleni efanele. Izinkulumo zakhe zingabacasula abantu kodwa iqiniso kumele likhulunywe.

Abaphathi bakhe kwi-South African Football Association (i-Safa) kumele benze isiqiniseko sokuthi uyawuthola umhlangano awucela ngaphambilini nabaqeqeshi bamaqembu.

Ngesikhathi uBroos ethatha izintambo eqenjini lesizwe ngoMbasa odlule wacela amaqembu ukuthi amvumele abe nomhlangano nabaqeqeshi bamaqembu kodwa kwangenzeka.

Mhlawumbe kuzomele kungenelele uMengameli we-Safa uDanny Jordaan aphoqe abaqeqeshi ukuthi banikeze lo mqeqeshi wase-Belgium ithuba nokulalela afuna ukukusho.

Into uBroos ayidingayo nje ukunikwa zonke izinsiza azifunayo.

Abalandeli bebhola bakuleli, abaqeqeshi nabaphathi bamaqembu kuzomele bakwamukele ukuthi ibhola lethu alisafani nakuqala. Abantu abafana noBroos bakhona ukuze bavuselele iligi yethu eshabalalayo.

Izihloko zakamuva