UBrad Binder uphume kweyesine kowezithuthuthu eHolland

Lubhalwe nguLucky Maree

UBrad Binder waziwa njengomunye wabashayeli abenza kahle kakhulu ekuqaleni komdlalo- kodwa kulokhu wenze okungakholakali.

Ngesikhathi eqala endaweni yesihlanu ku-KTM emgweni wesibili kwigridi wedlule izithuthuthu ezintathu ukuze abe endaweni yokuqala.

Kodwa ingabe bekukholakala yini lokho?

Amathuba abonakala enqwabelene kuye. Ngandlela thize kwisekethe ye-Assen enezimbobo zayo ezinde kanye nokuqina izithuthuthu aziqondi  ngokuphelele futhi ithrekhi inzima emathayini noma kunjalo. Amazinga okushisa e-Netherlands emini awazange asize.

Futhi uBinder owaziwa ngejubane lakhe elimangalisayo uphinde aziwe ngokuba nzima kancane emathayini kunabanye abashayeli. Ukuhola phambili imilenze engu-26 bekuzohlezi kunombuzo onzima.

Uzakwwabo kaBinder ku-KTM uJack Miller ulahle isithuthuthu sakhe emlenzeni wesibili. UFabio Quartararo kanye noMaverick Vinales babandakanyeke engozini enkulu emlenzeni wesithathu kanti okungenzeka babanjwe ithrekhi eshisayo.

UBinder udlulwe uFrancesco Bagnaia kusanda kuqalwa kodwa lokho bekungasho ukuthi umjaho usuphelile. UBinder ubambelele esithuthuthwini sakhe elokhu eseduze kwakhe emilenzeni ngokulandelana kwayo. Ekude kancane kusasele imilenze engu-15 kubonakale sengathi uBinder uba namandla.

Ngesikhathi sekusele imilenze eyishumi uMarco Bezzecchi uphoqe uBinder ukuthi abuyele endaweni yesithathu kodwa uBinder uye waphinde wabambana izishaqa nendoda esendaweni yesibili.

Ngandlela thize uBinder uye wabambelela ukuze athathe indawo yokugcina ekutholeni indondo wajabulisa iqembu lakhe kakhulu.

Kodwa ngokushesha injabulo iye yaphenduka usizi. UBinder uthole inhlawulo yesikhathi ngokwephulwa kwemikhawulo emlenzeni wokugcina – isijeziso esifana ncamashi nasithole emjahweni wangoMgqibelo nokuyinto embuyisele endaweni yesine.

“Ngiyaxolisa kakhulu eqenjini lami,” esho ngemuva komjaho.

“Ngibaphuce izinkundla ezimbili. Benze umsebenzi omuhle kakhulu, benze umzamo omkhulu futhi ngiyaxolisa ukona lo mjaho.”

Eqinisweni uBinder usephumile ekuzingeleni ukuba umpetha kodwa wenza isitatimende esibucayi ngesizini ezayo.

Umphumela

I-Assen MotoGP

1 F Bagnaia (Ducati)

2 M Bezzecchi (Ducati)

3 A Espargaro (Aprilia)

4 B Binder (KTM)

5 J Martin (Ducati)

Esithombeni esingenhla: UBrad Binder

Izihloko zakamuva