UBra Sipho uthola isifiso sosuku lokuzalwa ngemuva kweminyakeni eyi-17 ashona

Linda Ximba

Ngemuva kweminyakeni eyishumi nesikhombisa adlula emhlabeni, isifiso seqhawe lomculo we-jazz uSipho Gumede sizofezeka.

U-bassist waKwaMashu eThekwini uzoba nekhonsathi lokumhlonipha nge-hangout ayithandayo, e-Bat Centre, mhla ziyi-17 kuNdasa.

Umhleli womcimbi uNise Malange uthe ukhumbula uGumede ecela ozakwabo abaseduze ukuthi bamhlelele okuthile.

“Ngeshwa washona ngesikhathi simatasa namalungiselelo. Ekumhlonipheni kwethu siqinisekise ukuthi kulolo hlu sifaka abaculi abasafufusa kwazise ubra Sipho wayethanda ukuthola okuthile futhi ehlanganyela ingcebo yakhe yolwazi nentsha,” kusho uMalange.

UBra Sipho, owayeneminyaka engama-42, ubezohlanganisa iminyaka engama-59 kulo nyaka.

Abanye abazohamba nezithameli kule ndlela yokumkhumbula kubalwa uKhaya Mahlangu owayeseqenjini elibizwa ngeSakhile noGumede, uBassani Bongani Nkwanyana, uMazwakhe Gumede, u-Air Jazz, uThabiso Mnanyana, u-Andile Ndlovu, uHector Cebekhulu, uBarney Bophela noNomsa Ndawo.

Ngesikhathi somsebenzi wakhe, uGumede wabelana ngobungcweti bakhe nabaculi abafana noHugh Masekela, uLetta Mbuli, uHarry Belafonte, uCaiphus Semenya, uBrenda Fassie, uWinston Mankunku Ngozi, uKippie Moeketsi, u-Abdullah Ebrahim, uJonas Gwangwa, uTim Thomas, uMargaret Singane, uStimela nabanye abaningi.

Njengomuntu owayecula yedwa ukhunjulwa kakhulu ngamaculo afana nelithi-When Days are Dark, Friends are Few naMantombi, ayeliqambele indodakazi yakhe. 

Izihloko zakamuva