Dylan Bettencourt
Lokhu kungase kube ukubopha okulula amaphoyisa akuleli ake akwenza njengoba umsolwa enzela amaphoyisa umsebenzi wawo.
UThomas Ngcobo wafaka isicelo sokuba iphoyisa kanti ngesikhathi abakwa-SAPS bengamphenduli uye wanquma ukuya esiteshini samaphoyisa esiseduze eyobuza ngalokho.
Kodwa lo mlisa (40) akazange ayinake indaba ebalulekile. Ungumsolwa ofunwa uthuli osekuphele iminyaka eyisikhombisa ebalekela amaphoyisa.
Futhi uma ecabanga ukuthi amaphoyisa abengase ambize, ngokuqinisekile ebengeke ayinake iminyaka yakhe. Omunye wemithetho yokungena embuthweni wamaphoyisa ukuthi abafaka izicelo kumele babe ngaphezu kweminyaka engu-18 kodwa babe ngaphansi kwengu-35. Eneminyaka engu-40, uNgcobo ungaphezu kweminyaka efunwayo ngeminyaka emihlanu.
Ngesikhathi amaphoyisa ebona ukuthi abhekene nomsolwa amfunayo, avele ambopha. Uvele enkantolo ngoLwesibili ngecala lokweba impahla okwakumele ayihambise kwikhasimende.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe umsolwa uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yase-Bethal ngaphambi kokuba agcinwe esitokisini.
“Ngokwemininingwane, umsolwa kwakumele ahambise impahla yokwakha ebiza ngaphezu kuka-R20 000. Kusolakala ukuthi impahla yahanjiswa kwelinye ikheli ngaphandle kwemvume yomnikazi,” kuchaza uMohlala.
“Amaqhinga kamsolwa abonakala ngemuva kwesonto ngesikhathi umphathi wesitolo enqume ukubheka ama-invoice. Kwatholakala ukuthi ama-invoyisi amabili ayengekho kanti impahla iye ezindaweni okungezona.”
Lesi sigameko sabikwa emaphoyiseni ngoMandulo ngo-2015 – ngesikhathi okwakufanele uNgcobo ajoyine ngaso umbutho wamaphoyisa.
“Umsolwa ubanjwe ngoMsombuluko ngemuva kokuthi avakashele amaphoyisa akwa-SAPS e-Bethal eyobuza mayelana nesicelo sakhe sokuqashwa njengephoyisa,” kusho uMohlala.
UKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela, uxwayise abasolwa ngokuthi bazobanjwa noma ngabe kuthatha isikhathi esingakanani.
“Akusensuku zatshwala ukuthi bonke abagcwele amathafa sibathathele izinyathelo zomthetho,” esho.
Umthombo wesithombe: @IOL