Uboshiwe umshayeli wetekisi odubule owesifazane eziphindiselela kubabhikishi 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa abophe umshayeli wetekisi okusolwa ukuthi udubule wabulala owesifazane e-Alexandra ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho ephikisana nokunqanyulwa kukagesi isikhathi eside https://izindaba.scrolla.africa/

Ukuboshwa kwenzeke ngaphansi kwamahora angu-24 ngemuva kokushona kowesifazane.  Omunye udutshulwe esandleni.

Besebenza ngolwazi oluhlinzekwe ezinye zezakhamuzi embhikishweni wangoMsombuluko ebusuku, abaseshi base-Alexandra bathungathe umsolwa.

Umshayeli wetekisi usuke ngesivinini ngemuva kwalesi sigameko, kodwa ezinye izakhamuzi zikwazile ukubhala imininingwane yemoto emhlophe yohlobo lwe-Toyota Quantum, bayinika iziphathimandla.

Abaseshi base-Alex, kanye nophiko lwamaphoyisa kamasipala waseGoli nophiko lwe-SRM Security, baye erenki yamatekisi e-Pan Africa Mall.

I-Alexandra Taxi Association isize amaphoyisa ukuthi alandelele umnikazi wetekisi, obizelwe emahhovisi kasoseshini nomshayeli wemoto. 

Amaphoyisa athathe umshayeli amyisa ehostela lakwaNobuhle lapho ehlala khona, wafike wabanika isibhamu sakhe esinelayisensi wabe eseboshwa.

Olunye uphenyo luholele amaphoyisa erenki yase-Randburg, lapho itekisi itholwe nezinombolo zayo zimbozwe ngopulasitiki. Itekisi ithathwe yayiswa esiteshini samaphoyisa e-Alexandra njengoba isetshenziswe ebugebengwini.

Ikhansela lendawo uTefo Raphadu usishayele ihlombe isenzo esisheshayo sabaseshi nezinhlaka zomthetho, okuholele ekuboshweni komsolwa ngemuva kwamahora angu-24.

Uthe ukuboshwa komsolwa kuzoqinisekisa ukuthi umndeni kamufi uthole ubulungiswa.

URaphadu unxuse izakhamizi ezikhahlanyezwe ukungabi bikho kukagesi namanzi kwezinye izindawo zasemalokishini ukuthi zingaphendukeli kudlame uma zisebenzisa amalungelo azo okubhikisha. 

“Njengoba sikhuluma nje, sisebumnyameni sizama ukuxazulula izinkinga zikagesi,” kusho uRaphadu.

Izakhamizi zase-Alex ezidinwe zagane unwabu zibhikishela ukungabibikho kukagesi namanzi ezingxenyeni ezithile zelokishi isikhathi esingangamasonto https://izindaba.scrolla.africa/bavale-imigwaqo-bebhikishela-ugesi-abahlali-base-alex/. Zivale imizila emikhulu kule ndawo ngamatshe namathayi avuthayo okwenza kube nzima ukuphuma nokungena elokishini.

Esithombeni ngenhla: Isigameko sobugebengu lapho kudutshulwe kwabulawa owesifazane ngoMsombuluko ebusuku.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva