Uboshiwe umfundi oyibhokolo

Elmon Tshikhudo

Kuleli sonto eledlule, umfundi oneminyaka engu-17 udale umonakalo omkhulu ngokuphilisa kanzima abafundi, abasebenzi  nabazali esikoleni samabanga aphansi iJohn Marubini e-Phiphidi ngaphandle kwase-Thohoyandou.

Lo mfundi obededela isibhaxu kwabanye abafundi kuthiwa uboshwe ngeSonto.

Ubesolwa nangokuletha izikhali eziyingozi esikoleni nokuletha  amalungu eqembu lakhe angafundi kulesi sikole. Lokhu kuphoqe abazali abaningi ukuthi bakhiphe izingane zabo esikoleni.

Amalungu amaningi omphakathi asole isigungu esilawula isikole (i-SGB ngokuhudula izinyawo ngokuthathela leli cala izinyathelo kanti ngaphambi kokuthi aboshwe, kusolwe amaphoyisa ngokungawenzi ngokushesha umsebenzi wawo.

Samsung Galaxy 14G

NgoMsombuluko abazali abaningi babuyisele izingane zabo esikoleni ngemuva kokuthi umsolwa eboshiwe.

Umholi womphakathi uMnu Maluta Ramadolela, owayenguthisha, uthe babe nomhlangano ngoMsombuluko ekuseni lapho kunqunywe khona ukuthi ukufunda nokufundisa kumele kubuyele esimweni esijwayelekile.

“Silindele ukuthi abafundi baphelele ngoLwesibili. Sikhululekile ukuthi umfana uboshiwe futhi kunqunywe ukuthi umfana angabe esavunyelwa emagcekeni esikole. Incwadi yokuxoshwa esikoleni isilungisiwe,” usho kanje.

Umzali womunye wabafundi, uMasindi Mufunwaini, uthe uzoletha indodana yakhe esikoleni njengoba enesiqiniseko sokuthi umfana uboshiwe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Limpopo, uTidimalo Chuene angephawule kakhulu ngalo daba ngoba selusezandleni zamaphoyisa.

Uthe abahlukumezekile bazothola  ukwelulekwa ngokwengqondo.

Amaphoyisa ase-Limpopo akuqinisekisile ukuboshwa kukamsolwa, engeza ngokuthi lo msolwa ubhekene necala lokushaya.

Scrolla World Cup Quiz