Uboshiwe owesilisa obulale wacwiya intombi yakhe 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umndeni wakwaPolo ukhungethwe usizi nokuhlukumezeka ngemuva kokuthi isidumbu sendodakazi yawo uNomthandazo sitholwe sicwiywe emzini wakhe e-Geluksdal, Ekurhuleni ngeSonto ebusuku.

Ngemuva kwezinsolo zokuthi umbulele, isoka lakhe lesikhathi eside uKagiso Thobela ushayele abangani kanye nomndeni wakhe ucingo ebatshela ukuthi umbulele futhi uzozibulala.

Izitho zakhe zomzimba bezisikwe nge-angle grinder.

Umama kaNomthandazo, uSenzeni Ngoma utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhlushwa izithombe zesidumbu sendodakazi yakhe esidindilize edamini legazi.

“Kuzongithatha iminyaka ukuthi ngikhohlwe ngalesi sigameko esinyantisayo,” esho.

Kuthiwa besekuyiminyaka eminingi uNomthandazo evaleleke kulo budlelwano obuhlukumezayo nokuthe uma ethola ukuthi uKagiso ukhulelise omunye wesifazane amawele wanquma ukuqeda ubudlelwano babo.

“Unqabile ukuphuma endlini abebeqashe kuyo wamshaya waze wangakwazi nokukhuluma nokuhamba,” esho.

“Ngibone kungcono ngishayele umama kaKagiso ucingo ngamcela ukuthi angenelele akhulume nendodana yakhe mayelana nezindlela zayo zokuhlukumeza njengoba benginovalo lokuthi ngelinye ilanga izobulala indodakazi yami.”

Umama kamsolwa uye wahlala nabo izinsuku ezine ukuze abasize balungise izinkinga zabo. Uhambe ngoMgqibelo kwathi ngeSonto ebusuku umsolwa wabulala uNomthandazo.

Umama ososizini uthe indodakazi yakhe ibihlalele ovalweni futhi sekuneminyaka ihlukumezeka.

“Ugcine ezifezile izinsongo zakhe wambulala ngesihluku esikhulu,” esho.

“Manje lolu daba silushiyela iNkantolo yeMantshi yase-Tsakane ukuthi ikhiphe isijeziso esinzima kunazo zonke.”

Kuthiwa ezinsukwini ezandulela lesi sigameko uThobela (29) waKwa-Thema Ekurhuleni ubebuza abangani bakhe abake baboshwa ngokuthi kunjani ejele nokuthi uzokwazi yini ukuphila khona.

UThobela uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Tsakane ebhekene necala lokubulala ngoLwesithathu ekuseni.

Icala lihlehliselwe mhla zizine kuMbasa ukuze kufakwe isicelo sebheyili.

Esithombeni esingenhla: UNomthandazo Polo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva