Owesilisa oneminyaka engu-35 ubudala obezenza uBoris Johnson uboshwe ngemuva kokushayisa imoto yakhe esigxotsheni.
Owesilisa wase-Zuidhorn entshonalanga ye-Groningen e-Netherlands, uboshwe amaphoyisa ngemuva kokuthola imoto yakhe ishiyiwe. Utholwe egqoke njengoNdunankulu wase-UK, uBoris Johnson.
Ngeshwa amaphoyisa ase-Nerthelands awazange adidiswe ilokhu kulingisa kwakhe njengoba kutholwe ilayisense yokushayela yase-Ukraine engelona iqiniso enesithombe sikaBoris Johnson nosuku lwakhe lokuzalwa olufanele.
Ilayisensi etholakale ngaphakathi emotweni ibhalwe ukuthi izogcina ukusebenza ngoZibandlela ngo-3000.
“Lo wesilisa akakwazanga ukuzichaza ukuthi ungubani futhi wenqabile ukuyohlolwa inani latshwala elisemzimbeni wakhe,” kusho okhulumela amaphoyisa etshela abezindaba ze-AFP.
Ku-Instagram, amaphoyisa abhale ukuthi “Ngeshwa umsolwa simubambe oqotsheni.”
Akukacaci ukuthi lo wesilisa ozenza uBoris uphethe ubuzwe base-Ukraine yini, kodwa owayeyintatheli yase-Russia esebenzela umsakazo womphakathi wase-Nerthelands i-NOS uthe amalayisense mbumbulu angathengwa ezitolo zezivakashi e-Ukraine.
“Ngike ngayibona enegama likaShansela wase-Germany u-Angela Merkel kanye noMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky kanye nawabanye,” kusho uKysia Hekster ku-Twitter.
Umsolwa uboshelwe ukushayela ephuzile nokuzenza umuntu ngeyena. Isiphetho sakhe manje sisezandleni zohlelo lwezobulungiswa lwase-Nertherlands.
Luhlanganiswe intatheli yakwa-Scrolla
Isithombe esingenhla: UBoris mbumbulu
Umthombo wesithombe: I-Twitter