Uboshiwe owesilisa obaleke noR5.6 million we-Covid

Dylan Bettencourt

Owesilisa wase-Japan ofakelwe imali ye-Covid-19 ngephutha uboshiwe kodwa ubeseyidle yonke.

Owesilisa (24) wasedolobheni lase-Abu e-Japan uthole yonke imali ye-Covid-19 yesikhwama sedolobha engu-R5.6 million ngenyanga edlule.

Lesi sikhwama bekufanele sihlukaniselwe imizi engu-436 edolobheni, kodwa yonke imali ithunyelwe ngephutha kowesilisa obengowokuqala ohlwini.

Ngesikhathi ebona imali, lo mlisa wase-Japan ukhokhe imali yerenti yenyanga yokugcina wabe esenyamalala.

Ngemuva kokuba amaphoyisa eqale umkhankaso wokumthungatha, ummeli wakhe uthe useyidle yonke imali egembula ku-inthanethi.

Amaphoyisa agcine ebophe owesilisa ofunge wagomela ukuthi uzoyibuyisela yonke le mali “noma ngabe kuzoba kancane kancane”.

Umsolwa manje usesitokisini ngemuva kokuboshwa, kusho iphoyisa litshela i-AFP.

Umsolwa utshele amaphoyisa ukuthi usebenzise yonke imali egembula emakhasino aku-inthanethi, kodwa imibiko iveza ukuthi ufake ingxenye yemali kuma-akhawunti ahlukene ngaphambi kokuthi agembule.

IMeya yendawo itshele izintatheli ngoLwesine ukuthi bayakuncoma ukuboshwa kukamsolwa.

“Angikholwa ukuthi uyisebenzisa yonke imali), futhi ngicabanga ukuthi kungenzeka (enye imali ikhona) ndawana thize,” esho.

Umphakathi obudinwe ugane unwabu ugxeke imeya nethimba lakhe ngokungakwazi ukusebenza.

Kodwa-ke uhulumeni wedolobha usekhiphe omunye u-R5.6 million ukusiza imindeni ekhahlanyezwe yi-Covid-19.

Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes

Izihloko zakamuva